UNGQONGQOSHE wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula ukhwele wadilika kubaholi bakuleli Isithombe: Henk Kruger/African News Agency(ANA)
UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuleli uMnuz Fikile Mbalula uzidonsele amanzi ngomsele ebiza uMvikeli Womphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane 'ngesibhamu' esiqashwe abathile ukuzofeza izinhloso zabo.
UMbalula usho lokhu ekhasini lakhe kuTwitter ngeSonto kanti akagcinanga lapho njengoba izolo ebuye wagadla nakumholi we-One SA, uMnuz Mmusi Maimane, ngokunjalo nowayenguMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma.
Rich coming someone who was fired for incompetence - your best delivery yet was modeling for laChokolata
— Minister of Transport |Mr Fix (@MbalulaFikile) March 8, 2021
Sheesh reformed Reverend Father Uncle Ruckus !! https://t.co/7r4uITcw4h
UMbalula ubiza uMkhwebane ngo“shaya sibhamu” nje kulandela umbiko wethimba ebelicubungula ukuziphatha kwakhe eliphakamise ukuthi aphenywe njengoba lithole ukuthi akaziphathanga ngendlela, futhi kube khona ukusebenza ngokungafanelekile ngasohlangothini lwakhe.
Lolu phenyo lwalandela isikhalo seDA eyayithi ifuna u-Advocate Mkhwebane asuswe esikhundleni.
Ebhala kuTwitter ngoMkhwebane uMbalula uthe: “UMkhwebane uyisibhamu esiqashiwe, akayena uMvikeli Womphakathi.”
Mkhwebana is a hired gun not the public protector.
— Minister of Transport |Mr Fix (@MbalulaFikile) March 7, 2021
Okhulumela uMkhwebane, uMnuz Oupa Segalwe, uthe sekukuningi bekhalaza kuMengameli, uCyril Ramaphosa, ngemibhalo kaMbalula ethinta uMvikeli Womphakathi ezinkundleni zokuxhumana bacela ukuthi athathelwe izinyathelo.
“UMbalula nabanye ongqongqoshe ababhala kabi ngoMvikeli Womphakathi sebeke babikwa kuMengameli. Safaka isicelo sokuthi abanqande baziphathe ngendlela. Asazi noma kukhona yini osekwenziwe,” usho kanje.
Uthe uma uMbalula eqhubeka nemibhalo yakhe edicilela isithunzi soMvikeli Womphakathi, uMkhwebane uzomthathela izinyathelo zomthetho.
Ngaphandle kukaMkhwebane uMbalula ugxeke owayengumengameli wakuleli, uZuma emsola ngokuthi wayegxile kakhulu ekuculeni uma kuhlangenwe, kanti ngaphansi kukaRamaphosa bachitha isikhathi esiningi 'becabanga'.
Under Cyril we are thinking a.lot
— Minister of Transport |Mr Fix (@MbalulaFikile) March 8, 2021