IMEYA yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ukhumbuza abantu abahlala noma abavakashele leli dolobha ukuthi bavumelekile ukuhamba kwi-promenade. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, yamukela zonke izivakashi edolobheni, futhi inxusa izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokwamukela izivakashi ngezandla ezimhlophe.
Wazisa nomphakathi ukuthi unqenqema oluhamba abantu ebhishi (i-promenade) luvuliwe ukuze abantu bakwazi ukugijima, bahambe ngama-bhayisikili futhi bazingcebelekele nje kulona. Kodwa unxuse wonke umuntu ukuthi alandele imigomo ebekiwe ukuze kungasabalali iCoronavirus njengoba izwe lingena kwisivuvu sesibili.
Esabela ekhweleni likaMengameli, uKaunda uthe uMasipala wenze izinguquko ezinhlelweni zamaholidi alo nyaka.
Nazi ezinye izinguquko:
Kunomthetho wokuthi umuntu abe esekhaya kusuka ngo-11 ebusuku kuya ku-4 ekuseni;
Kuzomele wonke umuntu agqoke isifonyo uma esendaweni yomphakathi noma isakhiwo okubalwa nezinto ezithutha umphakathi
Utshwala abuvumelekile ukuthi buphuzelwe ezindaweni zomphakathi okubalwa amabhishi namapaki, ngaphandle kwasezindaweni ezinemvume yokuthi zibudayise;
Azovalwa amabhishi eThekwini kusuka ngoDisemba 16, 25, 26 no-31, 2020 kanjalo no- 1,2,3 Januwari, 2021. Izakhamuzi zingaqhubeka nokugijima esihlabathini, zihambe noma zenze i-yoga kanjalo nezinye izinhlelo ezithuthukisa impilo. Ama-Park and Ride emabhishi azovalwa ngalezi zinsuku ezibaluliwe uMongameli;
Ngezinye izinsuku, amabhishi azovulwa kusuka ngo-9 ekuseni kuya ku-6 ntambama. Ama-Lifeguards azobe ekhona eqaphe isimo ukuthi abekho abamukayo. Ama-Park and Ride azosebenza ngalezi zikhathi;
Kuphoqelekile ukuthi abantu baqikelele ukuthi ngesikhathi sokuthi basekhaya, sebezivalele ezindlini njengoba kungekho ozovunyelwa ukuthi alale ezindaweni zomphakathi okubalwa ematekisini, emabhasini kanjalo nasezimotweni;
Awuvumelekile umculo odlalela phezulu.
Abangalandeli imigomo ebekiwe, izinsuku okuvulwe ngazo amabhishi, ukungafakwa kwezifonyo nokungaqhelelani, kuzokwenza ukuthi avalwe lawo mabhishi kuze kuphele isikhathi samaholidi. Abezomthetho basiqaphile isimo ukuze kulandelwe yonke imigomo,” kusho uKaunda.
IMeya inxuse abamahhotela, izindawo zokudlela emalokishini ukuthi zingajahi ukwenza imali zibeke engcupheni abasuke behambele lezi zindawo.
Amaphoyisa edolobha kanjalo nezinhlaka zezokuphepha zizoqinisekisa ukuthi imigomo iyalandelwa ikakhulu ezintweni ezithutha umphakathi njengamatekisi, okuyiwona athutha ingxenye enkulu yezakhamuzi zaseThekwini.
Imibhiyozo emuva kwemingcwabo ivaliwe kanti kuzovunyelwa kuphela abangu-100 uma kunemicimbi ezindaweni ezivalekile kube abangu-250 kuphela ezindaweni ezivulekile.
Izinhlelo zamaholidi eThekwini zihamba ngendlela. ITheku lilindele ukwamukela izivakashi ezingu-540 000 ngamaholidi, kusuka ngoDisemba 1 kuya kuJanuwari 31, 2021, okusho ukuthi kuzongena uR3 billion kwiGDP. Yize kunjalo kodwa isibalo sezivakashi sehle ngo-25% uma uqhathanisa nezibalo zango-2019 ngenxa yeCovid-19 nemigomo yomvalelandlini.
IMeya uKaunda, uveze ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zamaholidi emalokishini ahlukene eThekwini.
Lezi zinhlelo zilethe umuzwa kaKhisimusi emalokishini njengoba kucule yonke ibhendi yeKwaZulu-Natal Philharmonic Orchestra, iLadysmith Black Mambazo, Thandeka Ndlovu kanjalo nabanye abaculi.
Esontweni lesithathu likaDisemba, uKaunda ube nesidlo nezingane ezingcebeleke nase-Ushaka Marine World. Uvakashele izindawo ezithandwa izivakashi okuyiseMhlanga, Florida Road, Umlazi naseChesterville, ukuyoxoxa nabanikazi bezindawo zobumnandi kanjalo nabahambela lezi zindawo.
Unxuse izakhamuzi nezivakashi ukuthi ziqaphele futhi zilandele imigomo yeCovid-19, wanxusa ukuthi kwehliswe isibalo salabo abaya ezindaweni ezigcwala kakhulu.
“NgoDisemba, sifuna ukuqinisekisa izivakashi ukuthi zizokwazi ukuthola konke ezikudingayo njengokuhambela zonke izindawo ezizithandayo. Yingakho siya naseMlazi-ukuze sihambise ezokuvakasha kubantu futhi sihambise nomyalezo womkhandlu ngalesi sikhathi,” kusho uKaunda.
Emuva kwesimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa ngemigomo yeCovid-19 ngalesi sikhathi samaholidi, uKaunda uthe uMkhandlu uyayeseka yonke le migomo. “Noma siqonda ukuthi izivakashi edolobheni zizodumala, kodwa sizoyilandela yonke imigomo ebekiwe ukuze izivakashi ziphephe futhi sihambisane nokudingwa umkhakha wezokuvakasha.”
Udalule nebanga elihanjiwe ohlelweni lokuthi kufukulwe umnotho weTheku, okufaka ukuvula ezokuvakasha okuyisisekelo sesithathu.
Ubalule nokuthi uMkhandlu weTheku usebenza nomnyango wezempilo, owezokuthuthukiswa komnotho, ezokuvakasha kanye nezemvelo, owezokuthutha nokuxhumana komphakathi ukuqinisekisa ukuthi izivakashi nezakhamuzi ziphephile eThekwini ngamaholidi.
IDurban Tourism izoba nezinhlelo zokuqwashisa ngokuphepha emalokishini ahlukene kusuka ngoDisemba 20.
IMeya inxuse intsha nabanye ukuthi behlise noma bangayihambeli imicimbi okugcwala kakhulu noma amaphathi angasabalalisa umbhedukazwe waleli gciwane.
Inxuse umphakathi ukuthi uphuze ngokuzinakekela, uqhelelane, ungabi yiqulu kodwa imicimbi kube eyabantu abambalwa.
“Zigwemeni izindawo ezigcwalayo, ezingenakho ukuphefumula okwanele. Phumelani ngaphandle nijabulele isimo sezulu saseThekwini. Washani izandla, nigqoke izifonyo ngendlela okuyiyo emakhaleni nasemlomeni, hhayi esilevini,” kusho uKaunda.