Izindaba

OlwaseSABC luzoxoxwa ePhalamende

Siyabonga Mkhwanazi|Published

AMALUNGU ePhalamende avumelene ngokuthi azozidingida izinkinga zeSABC ezimayelana nokudilizwa kwabantu. Isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA)

AMALUNGU ePhalamende avumelene ngokuthi azozidingida izinkinga zeSABC ezimayelana nokudilizwa kwabantu.

USomlomo, uNksz Thandi Modise, uvumile ukuthi kube nenkulu­mompikiswano ngesonto elizayo ngemva kokuba i-IFP ifake isicelo sokuba lubhekwe udaba.

UNobhala wePhalamende, uMnuz Masibulele Xaso, utshele ikomiti lezinhlelo ukuthi kuzokhulunywa ngodaba ngoLwesibili.

I-SABC yayithe ifuna ukudiliza abasebenzi abawu-400 ukuze yonge imali.

Abezinyunyana namaqembu aphikisayo bathi kumele kutholakale ezinye izindlela zokonga kodwa kungaxoshwa abasebenzi.

Abamaqembu ezepolitiki bathe uhulumeni akangenelele

I-SABC isizihlehlisile izinhlelo zokudiliza kuze kube sekupheleni kukaDisemba.