UTHISHA obelethise umfundi kamatric, uMnuz Siyabonga Mthethwa enomfundi uSnethemba Thusi nosana lwakhe lwentombazane. Isithombe: SITHUNYELWE
NKOSIKHONA CELE
UBONGA akaphezi umfundi kamatric obelethiswe wuthisha wesilisa ngosuku abeyobhala ngalo iBusiness Studies eMzuvele High kwaJ, KwaMashu ngesonto eledlule.
USnethemba Thusi (18) uthi ngaleli langa ubengazange alale, efundela ukubhala lesi sifundo, kodwa waxinwa wukusikwa esebabele esikoleni.
Uthisha ophinde abe wumakhelwane wakhe, uMnuz Siyabonga Mthethwa ofundisa eZakhe High kwa L KwaMashu, nguyena ogcine ebelethise umfundi.
“Ngibizwe wumama walo mfundi obesegqokele ukuya esikoleni, efuna usizo. Ngiye ngamfaka emotweni ngithi ngimphuthumisa emtholampilo, kodwa amanzi aqhuma esemotweni kwacaca ukuthi konakele,” kusho uMthethwa.
Uthe uvele wazitshela ukuthi akukho azokwenza kumele ambelethise lo mfundi.
“ Kudume ikhanda kodwa ngase ngicela uNkulunkulu ngaleso sikhathi ukuthi angisize ngikwazi ukubelethisa okuyinto engingakaze ngiyenze," usho kanje uThisha.
Uthe ngalesi sikhathi, umfundi ubesevele elele phansi, wamsiza emphefumulisa futhi emkhuthaza ukuthi aphushe, ingane yaphumela ezandleni zakhe.
“Kusize nejakhethi ebengiyigqokile engikwaze ukugoqa ngayo umntwana,” kuchaza uMnuz Mthethwa.
Eqhuba uthe: “Ngiyaziqhenya ngalokhu engikwenzile. Okungijabulisayo wukuthi ngikwazile ukuthi ngikwenze ngempumelelo ngaphandle kwenkinga. Ngibonga isibindi uNkulunkulu angiphe sona. Ngingumuntu obathandayo abantwana mhlawumbe nalokho kungenze ngawenza kalula lo msebenzi.”
Ezibongela lo mfundi uthe uswele imilomo eyizinkulungwane yokuzibongela kuMthethwa ambize "ngothisha oyiqhawe lakhe".
Uthe namanje akakakholwa ukuthi umuntu wesilisa uvele wakwazi ukumbelethisa kalula nje kanjalo. Njengoba ethole umntwana wentombazane uthe ukhethe ukumqamba ukuthi nguNomcebo.
Uveze ukuthi lona bekungumntwana wakhe wesibili kanti owokuqala wamthola eneminyaka engu-14.
Uthe unesifiso sokuphinda asibhale lesi sifundo ngoba ubesilungiselele ngokwanele. Uthe yize ephazamisekile ngokuteta engakakuphothuli ukubhala izivivinyo zakhe, kodwa ufisa ukugcina esitholile isitifiketi sikamatric.
Inhloso yakhe enkulu uthe ukuya esikhungweni semfundo ephakeme ayokwenza izifundo zokuba ngusonhlalakahle, wathi ungumuntu okwazisayo ukubaluleka kokusiza abanye abantu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe kuyajabulisa ukubona ukuthi kukhona othisha abakwaziyo ukunakekela abafundi nangesimo esinzima ngalolu hlobo. Uveze ukuthi uMnyango wezeMfundo unazo izinhlelo zokulekelela abafundi abaphazamisekile ngesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo.