UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele usexwayise umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ukuthi umbutho wamaphoyisa ngeke usonge izandla kulandela inkulumo yakhe ethi uzimisele ukulwa namaphoyisa akuleli. Isithombe: Tracey Adams/African News Agency (ANA)
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele usexwayise umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ukuthi umbutho wamaphoyisa ngeke ukumele ukusatshiswa kulandela inkulumo yakhe ethi uzimisele ukulwa namaphoyisa akuleli.
Ekhuluma nabalandeli beqembu ngeSonto uMalema usole amaphoyisa akuleli ngokusebenzisana nabamhlophe ukulwisana nabo ngesikhathi bebhikisha eSenekal naseBrackenfell eKapa ngeledlule.
UMalema utshele abalandeli be-EFF ukuthi uma amaphoyisa ezimisele ngokulwa nabo, lokho bazokwenza ngisho emakhaya awo.
“Uma amaphoyisa efuna ukulwa, awaphumele obala. Sizowaphatha ngendlela efanayo njengalawo eminyaka yama-80s. Ngeke silwe nawo lapho esibhikisha khona. Sizoya emakubo silwe nawo emizini yawo kanye nemindeni yabo.
UCele uyigxekile inkulumo kaMalema wathi iyingozi wabe esehlabela amaphoyisa ikhwelo lokuthi azivikele uma ehlaselwa.
“Ngicabanga ukuthi umholi we-EFF uphaphalazile, ngeke usabise amaphoyisa bese ulindela ukuthi azosonga izandla. Umsebenzi wamaphoyisa ucacile futhi ulotshwe kuMthethosisekelo; ukuvikela, ukugwema nokuvimba ingozi kanye nokuphenya ubugebengu. Amaphoyisa aphinde aqinisekise nokuthi umthetho uyalandelwa ngakho akekho umuntu onelungelo lokusabisa amaphoyisa uma enza umsebenzi wawo,” kusho uCele.
UCele uthe inkulumo kaMalema ibeka engcupheni izimpilo zamaphoyisa nemindeni yawo.
Ngaphandle kukaCele, inhlangano yamaphoyisa iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) izolo nayo iyigxekile inkulumo kaMalema.