BABUYELA ngoDisemba 2 eNkantolo yeMantshi yaseVerulam abasolwa ecaleni lokubulawa kuka-Andile 'Bobo' Mbuthu (18) Isithombe : BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
UPHIKO lwezokuShushisa (NPA) KwaZulu-Natal luthi isinqumo sokudedela ngebheyili abasolwa, ecaleni lokufa kuka-Andile "Bobo’’ Mbuthu (18), singaphezu kwamandla alo ngoba sathathwa yinkantolo.
Abasolwa ababili ecaleni lokubulawa kukaBobo bangaphandle ngebheyili emuva kokuba iNkantolo yeMantshi eVerulam, ibanqabele base bedlulela eNkantolo eNkulu eThekwini lapho bafike badedelwa khona.
Abasolwa abathole ibheyili wuMnuz Mlungisi Thabethe nomunye elingatholwanga igama lakhe. Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara uthumele impendulo yoMqondisi wezokuShushisa esifundazweni, u-Advocate Elaine Zungu. Umyalezo udalula ukuthi uphiko lwezokushushisa luzame konke kodwa lwehluleka.
"Abasolwa badlulela eNkantolo eNkulu emuva kokunqatshelwa ibheyili enkantolo yemantshi. Udaba lwalusetshenzwa wuMbuso, umelwe wummeli wawo, lapho okwalalelwa khona izinhlangothi zombili kodwa iNkantolo eNkulu yanquma ukubadedela ngebheyili abasolwa,’’ kusho uNkk Ramkisson-Kara.
UBobo, owayengumfundi kaGrade 12 eNkosibomvu Secondary, washawa waze wafa esolwa ngokweba utshwala eMagagula Lounge, eHambanathi oThongathi.
Isidumbu sakhe satholakala silahlwe emfuleni kwase kuboshwa abasolwa. Abasolwa okunguMnuz Mlungisi Thabethe (28), Andile Nhleko (27), Mncedisi Mzobe (27), Siyanda Msweli (26), Lindani Ndlovu (22) noMalusi Mthembu (27) babhekene namacala okubulala nokuthumba uBobo.
Kwasabalala i-video eyaba undabuzekwayo, iveza kushaywa umufi, ezama ukucela uxolo kodwa baqhubeka bamshaya waze waphangalala.
Emuva kwalokhu kwaba nombhikisho womphakathi, kwaze kwangenela ihhovisi lamaphoyisa esifundazweni, elajuba ithimba elabopha abasolwa.
Kulindelke ukuthi icala libuyele ngoDisemba 2 eNkantolo yeMantshi eVerulam lapho kuzoqhubeka khona ukushushiswa kwabasolwa.