Izindaba

Umhlangano ophuthumayo ngodaba lwemenenja yeTheku

Khethukula Sangweni|Published

UMHLANGANO ophuthumayo womkhandlu uzoba namhlanje, udingide ngesicelo sokuhlaba ikhefu elikhethekile esifakwe yiMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Sipho Nzuza. Isithombe : DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

UZOBA namhlanje umhlangano ophuthumayo womkhandlu kaMasipala weTheku, ukuzodingida inzukazikeyi yodaba lweMenenja uMnuz Sipho Nzuza, eboshelwe izinsolo zokweqa imibandela yebheyili.

UNzuza ucele ikhefu elikhethekile emuva kokuboshwa kwakhe ngezinsolo zokuthi ubeqhubeka nokusayina, egunyaza imisebenzi kamasipala, lokho kwenze oKlebe babuya bamsobozela futhi.

Ngesikhathi ethola ibheyili uNzuza, sengathi wanikwa imibandela okufanele aphile futhi asebenze ngaphansi kwayo.

Ungaphandle ngebheyili kaR50 000 ngecala lethenda yokuqoqa udoti. Leyo thenda ibophise abaningi, kubalwa nosomabhizinisi abahweba nomasipala. Leli cala yilona elibophe uNkk Zandile Gumede oke waba yimeya yeTheku ngaphambi kokuba asuswe esikhundleni.

Kuthiwa uNzuza ubhalele iMeya, uMnuz Mxolisi Kaunda, ekhuleka ukuba amnike ikhefu ayothi gozololo alinde ukuthi kuyoxoxwa udaba lwakhe enkantolo ngoDisemba 10. Kunethemba lokuthi inkantolo izokwazi ukuchibiyela imibandela yakhe yebheyili ehambisana nomsebenzi.

UNzuza ucele ukuthi ahlabe ikhefu athathe ezinsukwini zakhe ngesikhathi esalinde ukugunyazwa kwekhefu elikhethekile, okubhekwe ukuthi uKaunda aphendule ngalo.

Kulindeleke ukuthi udaba lwendlalwe phambi komkhandlu namhlanje, kuboniswane bese kuphunywa negama elilodwa. Umkhandlu uke waluthi halamuzi udaba lukaNzuza lapho okuthiwa kwenyuke khona imimoya, amalungiu amaqembu aphikisayo esola imeya ngokwehluleka ukulusingatha.

UNzuza ethintwa uthe ufake isicelo sekhefu elikhethekile ngoba ufuna kulungiswe udaba lwakhe.

‘’Imibandela ithi angingathinti izindaba zokuthengwa kwempahla, ngingaxhumani nabantu abathile abangaba wofakazi bese ngingabaqondisi abantu ubugwegwe. Ngibone kufanele ngibeke phambili abantu baseThekwini ngoba isimo esikhona sidala ukuthi kungasebenzeki. Ngiqale ngathatha izinsuku zami, ngagcina ngoLwesibili emsebenzini ngizobuyela ngoMsombuluko (kusasa)."

Uthe unethemba lokuthi kothi kuyiwa enkantolo kobe sekulungisiwe konke. Uthe kulezi zinsuku azithathile ubebeke ibamba, uMnuz Musa Mbhele, ukuba liqhubeke nomsebenzi. Uthe ngoMsombuluko yiwona umkhandlu ozonquma ukuthi uphakamisa bani ukuba abambe.

Okhulumela ihhovisi lemeya, uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe noma kanjani udaba luyangena kusasa.

‘’Kunomhlangano okhethekile womkhandlu ozohlala ngoMsombuluko lapho kuzodingidwa khona lolo daba,’’ kushaya uMntungwa ngamafuphi.

Kulindeleke ukuthi uphinde ushube umhlangano ngoba amaqembu aphikisayo abelokhu ebanga umsindo ngodaba lukaNzuza, ethi akufanele nokuthi abuyele emsebenzini ngoba uhamba icala elimayelana nenkohlakalo.