Izindaba

Abameli baZuma bacikwe yincwadi evela kwiKhomishini kaZondo

Mcebo Mpungose|Published

OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma okulindeleke ukuthi avele kwiKhomishini kaZondo ngoMsombuluko. Isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA)

BAZWAKALISE ukunengeka abameli balowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma ngencwadi abayithole kunobhala wekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.

Kule ncwadi, Isolezwe eliyibonile, unobhala wekhomishini uSolwazi Itumeleng Mosala, ucele ammeli kaZuma, uMnuz Eric Mabuza, ukuthi acacise ukuthi uZuma uzowulandela yini umyalelo wamasamanisi wokuthi avele kwikhomishini ngoMsombuluko noma ngeke avele.

Uthe bacela ukucaciselwa ngalokhu namhlanje ngaphambi kuka-12 emini.

UMosala uphinde wakhumbuza abameli baZuma ukuthi wagcina ethe uzofaka isicelo sokuthi ahoxe kule khomishini usihlalo wayo, uJaji Raymond Zondo.

“Kumele ngabe kade wakwenza lokho uma ezimisele ngokufaka isicelo sokuthi usihlalo wekhomishini ahoxe. Ngizosebenzisa lelithuba ukunazisa kodwa ukuthi ngisho ningasifaka isicelo sokuthi ahoxe uSihlalo, lokho ngeke kube yisisazathu esanele sokuthi angalandeli umyalelo wencwadi emphoqayo ukuthi avele ngoNovemba 16, 2020,” kusho uMosala.

UMosala uqhube waveza ukuthi ikhomishini isacabungula izinyathelo ezingathathelwa uZuma uma eqhubeka nokuyishaya indiva imiyalelo yekhomishini.

Bephendula le ncwadi abameli baZuma bathe inkulumo kaMosala inobuqhwaga futhi asikho isidingo sayo.

“Ngisho nePhini lenhloko yamaJaji (Zondo) alikaze lisikhombise ukungasihloniphi osikhombisa kona. Into engenzeka nje ukuthi inkulumo yakho ingadala ukuthi kube khona ukuqiniselana amakhanda phakathi kwethu kulolu daba,” kuphendula uMabuza.

Uthe abenze abafuna ukukwenza ephendula ukuthi ikhomishini isacubungula izinyathelo ezizothathelwa uZuma ngokungayilandeli imyalelo.