ISISHOSHOVU se-IFP esike saba yimeya yaseNdumeni, uMnuz Sboniso Mbatha, sithi ngeke silale singandlalelwe, sizokuphosela inselelo ukuxoshwa kwaso kuaMasipala wesiFunda uMzinyathi.
ISISHOSHOVU se-IFP esike saba yimeya yaseNdumeni, uMnuz Sboniso Mbatha, sithi ngeke silale singandlalelwe, sizokuphosela inselelo ukuxoshwa kwaso kuaMasipala wesiFunda uMzinyathi.
Isolezwe ngeSonto libike ngokuxoshwa kukaMbatha emva kokuba kuqinisekiswe wumasipala ukuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwabo.
Wayengatholakalanga ocingweni lwakhe ukuba aphawule kodwa emuva kokubona udaba ephephendabeni ubuye ehaza, wathumela umbhalo ephawula ngokuxoshwa kwakhe.
Kuthiwa indaba inokusebenzisa budedengu izimoto zomkhandlu aze azilimaze ephindelela. Kuthiwa waze wavalwa ukuzisebenzisa kodwa wakhokhoba, wayothi uthunywe yimeya ukuba athathe imoto ayosebenza.
Kuthiwa ngosuku axoshwe ngalo uMbatha ubengekho esithangamini sokuqondiswa izigwegwe, wafonelwa kwaze kwayekwa engatholakali ocingweni lwakhe.
UMbatha okhonjwe indlela esikhundleni sokuxhumanisa umphakathi nomasipala, uthi ngeke agcine ngokuphosela inselelo umasipala kodwa uzophinde aneke amabibi afihliwe kulo mkhandlu.
“Bengingathule ngoba lokhu okwenziwa kimi kwehla esiphundu njengesobho lenyoni kodwa bengihlonipha imigomo ye-IFP nomasipala. Kunabantu abaginqa izimoto zomkhandlu bayaziwa (ebagagula ) kodwa abakaze benziwe lutho.
Ayikho imoto engake ngayiginqa mina abantu abayeke ukukhuluma izinto abangazazi. Sesiyohlangana esithangamini sezindaba zabasebenzi nomasipala,’’ kushwabula uMbatha.
Uvumile ukuthi uzwile ukuthi uxoshiwe wangakhokhelwa ngisho nezimali zakhe kodwa ubona sengathi indlela okwenze ngayo ayikho neze emthethweni. Uthe maningi amahlazo kamasipala awaziyo azowabeka obala aziwe yizwe ngoba nabo bayamhlukumeza.
UMbatha akaqali ukungena ekukhulumeni ngenxa yezimoto njengoba ngesikhathi eseyimeya kwake kwavela ukuthi uginqe imoto yomkhandlu.
Uke waba sematheni ngesikhathi enza isikweletu sikatshwala bukaR 11 000 kwiDundee July. Kumanje uhamba icala lokuhlela ukubulala owayengusomlomo kaMasipala eNdumeni.