UGWETSHWE iminyaka eyisikhombisa unesi olahlwe yicala lokukhokhela inkabi uR40 000 ukuze ibulale isoka lakhe elalimhlukumeza.
UNokhona Mpanza, obengunesi esibhedelela eSt Apollinaris, ulivumile icala lokubulala uMnuz Nkosinathi Ngcobo. Ugwetshwe iminyaka ewu-12 kwabe sekulengiswa emihlanu ngombandela wokuthi angatholwa enza elinye icala elifanayo.
Evuma icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uthe waba nobudlelwano nomufi ngo-2009 emuva kokushona komyeni wakhe. Uthe kwakuwubudlelwane obabunomsindo.
“Isikhathi esiningi umufi wayengishaya, ngimvulele amacala.”
Uthe wathola incwadi eyayivimbela ukuthi umufi asondele kuye eNkantolo yeMantshi eHlanganani.
“Nokho amaphoyisa akenzanga lutho ngesikhathi umufi ephula imibandela yencwadi. Umufi wangitshela ukuthi ngichitha isikhathi sami uma ngizitshela ukuthi amaphoyisa azombopha ngoba wayenabangani abakwipolitiki.”
Uthe umufi wayehlale ethi kuye ngeke aphinde amshaye. “Ngangiyisilima ukumlalela.” Uthe wayemondla uNgcobo futhi esebenzisa imoto yakhe.
“Ngangimthanda kodwa wayengihlukumeza, ngesinye isikhathi athathe wonke umholo wami.”
Utshele inkantolo ukuthi ngo-Agasti 2017 wabamba umufi nomunye wesifazane base beyalwa. “Ngathola ukuthi ngaphandle kwalo wesifazane engangimbambe naye wayenomunye owayengazi ngokuthandana kwethu. Wayengidlala sonke lesi sikhathi.
“Ngamtshela ukuthi akahlukane nami kodwa wanqaba. Wathi uzongibulala ngaphambi kokuthi ngihlukane naye.” Uthe wabe esekhuluma nomzala wakhe uSibonelo Ngcamu ngesimo sakhe base beyaxoxa ngokuthi kubulawe umufi. Emuva kwamasonto ambalwa wafika uNgcamu kwakhe wathi izinkabi sezifikile zisuka eGoli zizokwenza umsebenzi.
Uthe wayesesaba watshela umzala wakhe ukuthi abaliyeke itulo kodwa yena wathi ababulali bazobabulala bobabili uma beliyeka.
“Ngabe sengiyavuma. Ngo-Okthoba 2, 2017 umufi wadutshulwa esemotweni eBulwer. Nganika uNgcamu uR40 000 ukuthi akhokhele izinkabi.”
Uvumile ukuthi wahlangana noNgcamu nabanye abantu ukuthi kubulawe umufi nokuthi wakhokhela izinkabi uR40 000. Uthe uyazisola ngesenzo sakhe wavuma nokuthi uzoba ufakazi wombuso ecaleni labanye abekwe nabo icala.