UNGQONGQOSHE wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula ,okhale ngokucekelwa phansi kwengqalasizinda ezitimeleni okudinga imali enkulu
UBUGEBENGU nokwenzelela yikhona okuholele ekutheni izinto zingahambi kahle kwa-Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) eKapa okwenza balahlekelwa wu-R1.8 billion odingeka ukulungisa iziteshi zezitimela.
Ukulinyazwa kwengqalasizinda nokuntshontshwa kwezinto kwenze iPrasa yaletha uhlelo olusha lwezokuvikela okubalwa ukukhishwa kwe-copper kufakwe i-aluminium futhi kusetshenziswe ubuchwepheshe besimanje ukuqapha ukuthi kwenzekani ezitimeleni.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, ephendula imibuzo yelungu le-EFF ePhalamende, uNksz Nontando Nolutshungu.
UNksz Nolutshungu ubebuze ngomonakalo ezitimeleni zaseKapa.
Ubuye wabuza ngezinyathelo ezizothathwa kulabo abalimaza ingqalasizinda nengxenye yezakhiwo nokuqashwa konogada.
Ephendula uMbalula uthe ingqalasizinda yaseKapa kwenye yezindawo izitimela ezihamba ngogesi azikwazi ukufinyelela kuyo.
Uthe kunezindawo nje ezintathu ezilimele kakhulu ngenxa yokwenzelela nobugebengu. Lezo zindawo iLanga – Bonteheuwel - Sarepta - Bellville; Bonteheuwel - Kaptensklip; neBonteheuwel - Chris Hani.
“Izindleko zokulungisa lezi zindawo ezilinyaziwe zingeva kuR1.8 billion,” kusho uMbalula.