USIHLALO omusha weDA, uNkk Helen Zille, uthi makhulu amathuba okuthi abalimi babulawe uma kuqhathaniswa nabanye abantu. Isithombe: Facebook/Sergio Grant
USIHLALO omusha weDA, uNkk Helen Zille, uthi makhulu amathuba okuthi abalimi babulawe uma kuqhathaniswa nabanye abantu.
UNkk Zille uthe lokhu ukusho ngoba ngosuku bawu-58 abantu ababulawayo. Abalimi yibona abasengozini.
Usho lokhu ekhuluma kwiTalk Radio 702 izolo.
Uma i-Independent Media imbuza ngokuthi lezi zibalo uzithathephi, uthe akubuzwe obeshayela uhlelo uBongani Bingwa.
“Ngenze izibalo zami emuva kokuba uBingwa edalule izibalo zokuthi bawu-58 abantu ababulawayo nsuku zonke, bawu-58 abalimi abafayo ngonyaka.”
UNkk Zille uthe ngenxa yokunyuka kobugebengu obubhekiswe kubalimi abanye sebeyadayisa abanye baya kohlala kwamanye amazwe wathi lokhu kubeka engcupheni imizamo yokuthi kube nokudla ezweni.
UMnuz Johan Burger, we-Institute of Security Studies (ISS), uthe zimbili izizathu ezenza ukuthi abalimi kudlalelwe kubo – bahlala bodwa emapulazini futhi bathathwa njengabacebile.
“Abalimi bahlala bodwa futhi abantu bacabanga ukuthi banemali yingakho behlaselwa.”
Uthe ucwaningo alwenza eminyakeni
ewu-17 edlule lwakhomba ukuthi u-2% wokubulawa kwabalimi kusuke kuhambisana nepolitiki wathi ingxenyana encane kusuke kuwumbango obekhona phakathi kwabalimi nabasebenzi babo.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe njengoba uNkk Zille esekhuluma kanje yingoba iqembu i-DA selifuna ukubonakala njengalelo elilwela abalimi.
Uthe lifuna ukuncintisana ne-Freedom Front Plus ebukeka ilwela abalimi.
“Kusuka manje sizobona i-DA isukumela izinto ezithinta ukubulawa kwabalimi.”
Nakuba okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Vish Naidoo, engatholakalanga ukuphawula ngalezi zibalo kodwa izibalo zango-2019 ziveza ukuthi bawu-552 abalimi abahlaselwa.
helen zille