UKHONJWE indlela kuMasipal wesiFunda uMzinyathi uMnuz Sboniso Mbatha okuthiwa ulahlwe amacala okuxhaphaza imioto zomkhandlu aze aziginqe Isithombe : SIGCINIWE
SIXOSHIWE emsebenzini isishoshovu se-IFP esike saba yimeya yaseNdumeni, uMnuz Siboniso Mbatha, nesaduma ngokuba yimeya encane kunazo zonke.
UMbatha uxoshwe wuMasipala wesiFunda uMzinyathi esikhundleni sakhe abesiphethe ebhekelele ukubambisana nomphakathi nomasipala. Umthombo olwazi kahle udaba, uthi uMbatha ubehamba icala elimayelana nokungethembeki, esolwa ngokuthatha izimoto zomkhandlu ngaphandle kwemvume nokuziginqa. Umthombo uthi kusolwa ukuthi uMbatha waqala waginqa izimoto ephindelela waze wavalwa ukuzishayela kepha wakhokhoba wayothi akanikwe imoto uthunywe yimeya. Kade ehamba isithangami sokuqondiswa izigweqwe ngaphakathi kumasipala, amlahla amacala kwakhishwa isinqumo sokuthi akhonjwe indlela. Okhulumela uMasipala wesiFunda uMzinyathi uNksz Nomonde Nzimakwe, ukuqinisekisile ukuxoshwa kukaMbatha wathi isinqumo sithathwe engekho.
"Kunqanyulwe ubudlelwano bakhe bokusebenza emuva kokubanjwa kwesithangami sokuqondisa izigwegwe kwaze kwathathwa isinqumo engekho. Njengoba exoshiwe isinqumo sizoqala ukusebenza ngokuphela kwenyanga u-Okthoba,’’ kusho uNksz Nzimakwe,
USihlalo we-IFP eNdumeni uMnuz Xolani Msezane uthe ayikho into asebengayenza ngoba umasipala unqume ngendlela obona ngayo ngelungu labo.
"Siyasemukela isinqumo sikamasipala ngoba nawo usebenza ngokuzimela. Sibonga ukuthi bebemnike ithuba umfowethu oyilungu le-IFP, kwaba namaphutha ngakuye. Okusiphatha kabi wukuthi wayenikwe ithuba waba yimeya, waba namaphutha namanje usenikwe ithuba lesibili wenza okufanayo,’’ kuchaza uMsezane.
Uthe bayamthanda uMbatha njengelungu labo eliqavile kodwa akukho abangamsiza ngakho manje.
Imizamo yokuthola uMbatha ayiphumelelanga ngoba izingcingo zakhe zombili bezingangeni, washiyelwa nemiyalezo wangayiphendula. Kumanje uMbatha uhamba icala lokuhlela ukubulala owayengusomlomo waseNdumeni. Uke wabhekana nesikweletu sotshwala sezindodla zemali okuthiwa wayebuphuza emcimbini, iDundee July.
UKHONJWE indlela kuMasipala wesiFunda uMzinyathi uMnuz Sboniso Mbatha olahlwe amacala okuxhaphaza izimoto zomkhandlu aze aziginqe
Isithombe : SIGCINIWE