UMNUZ Fana Mokoena ongaselona ilungu le-EFF ephalamende
ISINAMALUNGU amabili amasha i-EFF ePhalamende, emuva kokwesula kwamanye amabili nokungachazwanga ukuthi ashiyelani ezikhundleni zawo.
Izindaba zoshintsho ziqinisekiswe yi-EFF ekhasini layo leTwitter, lapho efake khona isitatimende ichaza ukuthi ihlasela ngamalungu asemancane, anomdlandla nazofika kuzwakale ephalamende.
UMnuz Peter Keetse noMnuz Fana Mokoena besulile kwase kufakwa uMnuz Sinawo Tambo noNksz Piabo Madokwe.
Kuthiwa uTambo uyethenjwa ngamava akhe ngoba ubesebenza njengenhloko ehhovisi likamengameli we-EFF, kanti uke waba wumdidiyeli we-EFF eFree State. Uke waba wusihlalo wophiko olumele izitshudeni e-University of Cape Town. UNksz Madokwe unconywa ngolwazi lwakhe kwezobuholi ngoba uke waba wunobhala-jikelele we-EFF Student Command. Uke waba sesigungwini sobuholi eWestern Cape.
UNksz Madokwe noMnuz Tambo babeyizishoshovu zombhikisho wezitshudeni wango-2015 i#FeesMustFall owawundabamlonyeni kwabaningi, lapho kwakukhalwa ngezindleko zokufunda ezimba eqolo. Abashiyayo uKeetse noMokoena babongwe kakhulu ngamagalelo abo ePhalamende. UMokoena ujoyine i-EFF emuva kokuba wumlingisi kuthelevishini. UKeetse uke waba wumengameli we-EFF Student Command naye wayekhona embhikishweni wezitshudeni i#FeesMustFall.
I-EFF esitatimendeni ithe ukufakwa kwabantu abasha kuwubufakazi bokuthi iyakholelwa entsheni.
“Amalungu ethu azobamba iqhaza elikhulu ePhalamende nasekuthuthukiseni ukusebenza. Njengoba efungisiwe, azofakwa emakomitini ehlukene azosebenza kuwona,’’ kusho i-EFF