Izindaba

UCele akathi vu ngemibiko yakamuva ethinta uphenyo ngokubulawa kukaMeyiwa

Sihle Mlambo|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele akathi vu ngemibiko yokutholwa kwesibhamu esasetshenziswa kubulawa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa. IsithombeL Jairus Mmutle/GCIS

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele akathi vu ngemibiko yokutholwa kwesibhamu esasetshenziswa kubulawa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.

Lokhu kulandela imibiko yeNews24 ngoLwesibili eveze ukuthi amaphoyisa aphenya ngokubulawa kukaMeyiwa athole isibhamu adutshulwa ngaso ngo-Okthoba 26, ngo-2014.

Kuwo lo mbiko kuphinde kuvele ukuthi owabulala uMeyiwa useyaziwa kodwa udonsa esigwebo seminyaka ewu-30 ejele ngecala lokubulala usomatekisi wase-Alexandra, eGoli.

Ekhuluma nesiteshi sezindaba, i-eNCA, ngoLwesithathu uCele uthe ngeke aphawule ezintweni ezipotshozelwe abezindaba.

“Ukutholwa kwesibhamu akusho ukuthi sekuyinto okungabikwa ngayo leyo, yinto okumele ilekelele kuphothulwe icala. Ngizwe kuthiwa lolu daba lupotshozelwe abezindaba, ukulindela kanjani ukuthi uNgqongqoshe aphawule ngezinto ezipotshozwe yimithombo? Ngizoshiya kanje. Ngizophendula uma sengenza isitatimende noma sengenza isimemezelo,” kusho uCele.

NgoLwesibili okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vish Naidoo uthe abazi lutho ngesibhamu okuthiwa sitholwe amaphoyisa.

Umndeni wakwaMeyiwa ngakolunye uhlangothi izolo uzwakalise ukungagculiseki ngendlela uphenyo oluhamba ngayo. Okhulumela lo mndeni kulandela ukushona kukayisa kaMeyiwa, uMnuz Sam Meyiwa, uMnuz Siyabonga Miya, uthe basola uLongwe Twala ngokubulala uSenzo ngemuva kwengxabano nowayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi uZandi Khumalo, ongudadewabo omncane kaKelly Khumalo.