Inhlangano ebusayo esifundazweni iqalile ukuhambela amagatsha nezifunda futhi kubanjwa imihlangano kufundiswa ngezepolitiki.Isithombe: AP Photo/Ben Curtis
UQALE phansi umbango oshisa phansi ngezikhundla zobuholi ezifundeni ze-ANC KwaZulu-Natal, njengoba izwe lehliselwe esigabeni sokuqala nokubuyise ithemba ngokuhlala kwezingqungquthela.
I-ANC esifundazweni ishayeke udume lwengozi ngenxa yokuqubuka kweCorona ngoba kwenzeke ngesikhathi izama ukuhlalisa izingqungquthela ukuze ilungele ukhetho.
Kunezifunda ezilokhu zingenabo ubuholi, zibuswa izinhlaka zesikhashana ezakhethwa.
Inhlangano ebusayo esifundazweni iqalile ukuhambela amagatsha nezifunda futhi kubanjwa imihlangano kufundiswa ngezepolitiki.
Ngesonto eledlule abaholi be-ANC abasesigungwini esiphezulu sesifundazwe bebehambele esiFundeni iMoses Mabhida ngaphansi komkhankaso we-ANC Fridays, osho ukuthi njalo ngoLwesihlanu kufanele amalungu athi chithi saka esifundazweni abonakale abuye ahlanze nezindawo ezingcolile.
Isolezwe ngeSonto lihabule ukuthi umbango wezikhundla ushisa phansi ezifundeni njengoba kulungiselelwa nokhetho lohulumeni bezindawo oluzoba ngonyaka ozayo.
IsiFunda, iTheku sibhekwe ngabomvu ukuthi kucace ukuthi wobani abakhethelwa kwezobuholi. ITheku liyisifunda esikhulu kunazo zonke futhi ubuholi bakhona bahlakazwa kade kunguNkk Zandile Gumede usihlalo. IsiFunda, iJosiah Gumede (uThukela) naso kulindeleke ukuthi sikhethe emuva kokuthi ubuholi baso bahlakazwa ngesikhathi kuhlasele imibhikisho kukhalwa ngemeya kamasipala i-Alfred Duma, uMnuz Vincent Madlala. IGeneral Gizenga Mpanza (KwaDukuza) iphakathi kwezifunda okufanele zikhethe ubuholi. Kukhona neGreater kwaDukuza nayo ezohlalisa ingqungquthela. Isifunda iMoses Mabhida eMgungundlovu, ngesinye esibhekwe ngabomvu ngoba sibuye sihlaselwe wudlame, kuphume izidumbu kubangwa ubuholi. Kulindeleke nesifunda iLower South Coast, ukuthi sikhethe uma sekuvulwe ithuba.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe kunomhlangano wesigungu esiphezulu esifundazweni kule mpelasonto lapho abazoxoxa khona ngalolu daba.
"Kukhona noNobhala-Jikelele (uMnuz Ace Magashule) sizoxoxa ngalokho ngoba kunezinto ezidinga ukuqedelwa yihhovisi likazwelonke ngaphambi kokuthi kuqale izingqungquthela,’’ kusho uNtombela.