Izindaba

UHlengwa uxwayisa intsha ngokunaka impilo

Khethukula Sangweni|Published

OKHULUMELA i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uxwayisa intsha ngokuthi ilalele imizimba yayo, inakekele impilo iphume emcabangweni wokuthi izifo ngezabantu asebekhulile.FACEBOOK/MKHULEKO HLENGWA

OKHULUMELA i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uxwayisa intsha ngokuthi ilalele imizimba yayo, inakekele impilo iphume emcabangweni wokuthi izifo ngezabantu asebekhulile.

UHlengwa uxoxe neSolezwe ngeSonto ebonga uMdali, emuva kokuphuma esibhedlela esiseThekwini, angene kuso ngeledlule egula. Leli phephandaba labikelwa yimithombo yalo ukuthi uHlengwa akaphilile kahle futhi bese kunezinsukwana engazizwa kahle, ethi yinto edlulayo kanti kuzomnamathela.

UHlengwa uthe abantu bavamisile ukuthalalisa uma kukhona abakuzwayo emzimbeni nokuyinto eyingozi.

“Impela uNkulunkulu ube muhle kimi ngiphumile esibhedlela ngisemsebenzini, kade ngihlalele umhlangano weScopa.

“Ngiyabonga ukuthi ngisindile. Into ebalulekile wukuthi abantu ikakhukuazi abasha, bayigade impilo yabo balalele umzimba, bangasho ukuthi yinto edlulayo.

“Mina ngingene esibhedlela ngizwa okunye kodwa odokotela bafike bathola okuningi okungahambi kahle,’’ kusho uHlengwa.

Uthe ubonile ukuthi ukugula yinto engakhethi muntu kungabamba noma wubani noma nini yingakho eshumayela ivangeli lokuthi kusheshe kusukunyelwe impilo.

Ubonge abebemeseka ne-IFP, wagcizelela ukuthi ungumqemane abantu abangakhathazeki .

Uthe kufanele kube yinto abayijwayelayo abantu ukuhlola impilo yabo ukuze kusheshe kutholakale kusenesikhathi uma kukhona okungahambi kahle.

UHlengwa onguSihlalo weStanding Commitee on Public Accounts (Scopa) ePhalamende, ubebanjelwe wuMnuz Mervyn Dicks emihlanganweni yekomiti ngesikhathi esesibhedlela.

Ukugula kwakhe kwakuqinisekiswe nayiqembu lakhe i-IFP, liveza nokuthi uze wahlolela iCovid-19 kodwa kwavela ukuthi akanayo. Isikhundla sokhulumela we-IFP besibanjwe wuMnuz Narend Singh.