Izindaba

OKlebe bandizela KwaZulu-Natal

Khethukula Sangweni|Published

OKHULUMELA oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthi abantu abathule bebuke ithimba lenza umsebenzi walo njengoba kuthiwa lizosobozela abanye kulesi sifundazwe Isithombe : SIGCINIWE

ITHIMBA labaphenyi oKlebe, lingaphinde lisobozele inqwaba esifundazweni KwaZulu-Natal, abasoleka ngenkohlakalo ngemva kophenyo lwezinto ezehlukene.

Isolezwe ngeSonto lithole ngemithombo engaphakathi koKlebe ukuthi bahlome ngezincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwabathile.

Kuthiwa oKlebe basazondiza kakhulu KwaZulu-Natal ngoba kuningi abakuphenyayo. Kuthiwa bangase babhozomele osopolitiki nabanye abake baba yizikhulu emaphoyiseni.

Kusolakala ukuthi izikhulu zamaphoyisa zilandelwa maqondana nethenda yokuhlalisa amaphoyisa ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010.

Osopolitiki kuthiwa basolwa ngamacala ehlukene okukhwabanisa. Kade kubukwa oKlebe kuleli sonto befaka ozankosi kubantu abahlukene ngamacala ahlukene.

Babophe abantu maqondana nodaba lokushintshwa kophahla lwezindlu zaseFree State, lapho kuthiwa kwabhubhudlwa imali.

Ubufakazi obuholelele ekuboshweni kwabantu obuvele kwikhomishini yokuqhwagwa kombuso eholwa yiJaji Raymond Zondo oyiPhini leNhloko yamajaji.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe abafuni ukuhamba beqhosha ngokuthi bazobopha bani nini ngoba bamatasa bayasebenza. Akudlalwa !

" Siyizwile imibiko kodwa abantu abathule babuke siyomemezela uma kukhona umsebenzi oqhubekayo . Thulani nibuke nizobona ukuthi senzenjani ngeke sikhulume kakhulu,’’ kusho uBrigadier Mulaudzi, engafuni ukuphumela obala.

Phakathi kwabadliwe woKlebe kubalwa uMnuz Vincent Smith owayeyilungu lePhalamende le-ANC oboshwe maqondana nenkohlakalo yaseBosasa. Uphume ngebheyili kaR30 000 emuva kokuvela eNkantolo yeMantshi ePalm Ridge, eGoli.

Omunye oboshiwe wuMnuz Edwin Sodi oke wavela naye kwikhomishini ethula ubufakazi waveza nokuthi wayenikela kwi-ANC ngezigidi exhasa nemikhankaso yayo yokhetho.