Izindaba

Bafuna owezemfundo uvikele abafundi kwigciwane ngo-2021

Siyabonga Mkhwanazi|Published

IZINYUNYANA zothisha zixwayisa uMnyango wezeMfundo oyisiSekelo ngokuthi kumele ube nohlelo ozolusebenzisa nxa kwenzeka iCorona ibuya ngamandla uma sekuvulwa izikole ngoJanuwari ngonyaka ozayo.

I-South African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) neNational Professional Teachers’ Organisation of South Africa (Naptosa), izolo bathe bafuna umnyango usilungiselele isimo.

Basho emuva kokuba kube nemibiko ethi ezinyangeni ezimbalwa ezizayo kungenzeka igciwane, iCorona libuye selinamandla.

UNgqongqoshe woMnyango, uNkk Angie Motshekga, umemezele ngeledlule ukuthi izikole zizovulwa ngoJanuwari 25, ngonyaka ozayo. Usho kanje ngenxa yokuthi seluliwe isikhathi sokufunda nonyaka njengoba kunegciwane. Abafundi baka-matric bazoqala ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngoNovemba 5 kuze kube nguDisemba 15.

UNobhala jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe kumele umnyango ube nezinhlelo zokulungiselela igciwane uma libuya ngamandla nxa sekuvulwa izikole.

UMqondisi weNaptosa, uMnuz Basil Manuel, uthe kumele kube neqhinga ozolisebenzisa umnyango lokuvikela abafundi.

“Esingathanda ukukubona uhlelo luka-2021, mayelana nokubhekana negciwane uma liphinde libhebhetheka. Bonke abantu basitshela ukuthi kumele siqikelele ngegciwane ngoJanuwari nangoFebhuwari. Umnyango kumele ube nohlelo. Kungabi sengathi lesi simo siyabamangaza. Sengiwutsheleli ukuthi asikhulume ngalesi simo ngoba angiyena umuntu othanda ukubhekana nesimo ebengingasazi, ngingasilungiselele,” kusho uManuel.