UMFUNDISI Nhlanhla Khambule we-Edinvests Holdings. Isithombe: Nkosikhona Cele
UMFUNDISI ongusomabhizinisi usezinhlelweni zokwakha uhlobo lwabantu abasha, oluzodala amathuba omsebenzi hhayi oluzobalisa ngokugqoza kwemisebenzi.
Loyo nguMfu Nhlanhla Khambule ongumnikazi wenkampani eyakha izikole i-Edinvest Holdings, nongumholi webandla iHouse of Christ Family Church.
UMfu Khambule osanda kuqopha umlando ngokuba ngusomabhizinisi wokuqala ukwakha isikole esizimele eMlaza, iCanaan College esikwa-V, ubekhuluma kwiGolden Chairo kuyisigcawu ahlose ukucobelela ulwazi olunzulu kubo bonke abefundisi nabazalwane abanentshisekelo kwezamabhizinisi.
“Kuzona zonke izikole engizakhile ngiyaqinisekisa ukuthi izifundo ezimayelana namabhizinisi azisali ngaphandle. Ngifuna ukwakha abantu abasha abazoba wusizo lokwandisa amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika,” usho kanje.
Zine izikole ezizimele ezakhiwe nguMfu Khambule. Kubalwa i-Artisan Development eseBerea, eThekwini: yiSimeth Academy esePinetown; yi-Etham College eseMgungundlovu kanye neCanaan College.
Mayelana neGolden Chair uthe uhlose ukuyisebenzisela ukugqugquzela abefundisi abalangazelele ukungena kwezamabhizisi ukuba bangazitheli ngabandayo.
Wenze umzekelo ngesimo sakamuva somvalelandlini, wathi kumabandla abengayingenisi inzuzo kube lula ukuphila kuMfundisi ongusomabhizinisi kuleso simo.
Nokho ukucacisile ukuthi ubizo lwabefundisi kalufani futhi wagqugquzela abanethuba lokuthi bakwenze lokho, hhayi labo ababizwe ngokugcwele emsebenzini kaNkulunkulu.
KwiGolden Chair uvamise ukumema osomabhizinisi abahlonishwayo. Kulokhu ubememe uMnuz Gkangi Matabane onguSihlalo weBlack Business Council.
UMatabane ukhulume ngokubaluleka kokwesekwa kwamabhizinisi abantu abamnyama. Uthe kumqoka ukuba osomabhizinisi abansundu babonakale bedlondlobala ngaso sonke isikhathi.
UMnuz Sandile Zungu, weZungu Investments ukhulume ngokujulile ebalula ukubaluleka kokuba abantu abansundu abangosomabhizinisi kube khona abakwenzayo ngenhloso yokufukula amabhizinisi asemalokishini.
Ukhulume nangokubaluleka kokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi abamnyama. UNkk Ipeleng Mkhari ongusomabhizinisi osephumelele naye uke wamenywa kwiGolden Chair.