Izindaba

Lungenwa yi-EFF olwasemapulazini

Khethukula Sangweni|Published

ABASEBENZI baseNormandien Farm ngaseNewcastle abebevakashelwe yi-EFF :Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)

SELUNGENWE yi-EFF udaba lwabahlali basemapulazini eNormandien, ngaseNewcastle. Abahlali bakhala ngempatho yabelungu engeyinhle futhi isidale ukuthi kushube isimo phakathi kwezinhlangothi zombili.

UNobhala-Jikelele we-EFF uMnuz Marshall Dlamini, wemukelwe ngenhlokomo ngoLwesihlanu ngenkathi etheleka epulazini eNormandien.

Uhlangene nabahlali basepulazini ezozizwela izikhalo zabo akade bezethula nasezikhulwini zikahulumeni. Ithimba leSolezwe ngeSonto lihlale epulazini usuku lonke lazibonela isimo senhlalo yakhona.

Kunezinsolo zokuthi abelungu bahlasela abantu, babathuke baze babashaye. Amacala ayavulwa kodwa aphelele emoyeni. Kuthiwa baphinde bathelele izinkomo zabantu ushevu, zife. Babodwa abakhomba abantu ngezibhamu babashayise ngezimoto.

Kusanda kubulawa abamhlophe ababili abayizithandani nokuyisigameko okuthiwa sihlobene nokungezwani. Abahlali basola abelungu ngokubaphatha ngesandla sensimbi, babacwasa nangokwebala, babaphuce impahla zabo.

Abahlali baphume ngobuningi bagcwalisa indlu yesonto beshintshana ngombhobho, bekhuluma baze bafikelwe wulaka nomunyu.

UMnuz Moses Mdluli, uthi ufikelwa wusizi uma ecabanga umhlambi wezinkomo zakubo owathathwa ngabelungu bethi akekho umuntu omnyama ovunyelwe ukuba nemfuyo eningi.

“Ngibike ngisho emaphoyiseni, angikaze ngisizakale namanje, izinkomo azikaze zibuye. Bathe besuka bathi kufanele ngiphume ngiphele epulazini ngoba bafuna ukufuya izinyamazane lapho engihlala khona. Ake nisisize bakwethu, abelungu basiphethe kabi lapha, asisazi sizokhala kubani,’’ kukhala uMdluli.

UMnuz Somnandi Hadebe, oke waba sematheni ngokubuza izikhulu zikahulumeni ukuthi zibesabani abelungu naye ube yingxenye yomhlangano.

Uthe uyilungu lenhlangano iLandless People Movement, uthe sekuyisikhathi sokuthi kube khona izenzo ezicacile ngoba osopolitiki sebedlale ngabo kakhulu, wathi bafike babathembise, bajike bangenzi lutho.

UNobhala we-EFF uDlamini, ulalele izikhalo wagcizelela ngokuthi sebebikele ezinkulu uma sebebikele bona ngoba kabadlali izinto bayazilungisa.

“Kuke kwaba nennkampani edelele abantu abamnyama ngezikhangiso zezinwele. Nibonile ukuthi sibenzeni. Siyazizwa izikhalo zenu yingakho sifikile, sizosilungisa isimo,’’ kuthembisa uDlamini.

Abelungu abasolwayo kube nzima nokubathola ngoba kuthiwa lapho behlala khona akungenwa futhi bebengekho emhlanganweni.