Izindaba

Isinqumo ngekusasa lemenenja yeTheku

Khethukula Sangweni|Published

KUZONQUNYWA maduze ngekusasa leMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza omisiwe ngenxa yokuthi uhamba icala lezinsolo zenkohlakalo Isithombe : DOCTOR NGCOBO/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

SIZOMENYEZELWA maduze isinqumo ngekusasa leMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza, owamiswa emuva kokuboshelwa icala lenkohlakalo elithinta ithenda kadoti.

Uhamba icala elifanayo nelikaNkk Zandile Gumede owayeyimeya, kanti uNzuza ungaphandle ngebheyili kaR 50 00 noNkk Gumede nabanye. Kumanje isikhundla sikaNzuza sibanjwe wuMnuz Sipho Cele, oyisikhulu sokuPhatha nobuDlewano namaZwe angaPhandle.

Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi umkhandlu oholwa yiMeya uMnuz Mxolisi Kaunda, usuluphothulile uphenyo, usuqedela izinto ezimbalwa uzobe usumemezela ngekusasa likaNzuza.

Okhulumela ihhovisi lemeya uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe ucela kulindwe ubuholi bukamasipala obusingethe udaba lukaNzuza.

“ Ubuholi buzosho uma sekufike isikhathi, ngicela kulindwe bona ngoba nesikhathi sekhefu leso asikapheli. Bayobikelwa abezindaba uma isinqumo sesiphumile maduze nje,’’ kuchaza uMntungwa.

UNzuza umiswe ngoMashi emuva kokuboshwa kwakhe woKlebe wavela eNkantolo yeMantshi eThekwini esolwa ngenkohlakalo.

Ngaphambi kokumiswa, wayecele ikhefu lamasonto amabili nokwabe sekulandelwa yincwadi ethi akachaze ukuthi kungani kungafanele amiswe.

Kuthiwa emuva kokuthi ehambise impendulo kwathathwa isinqumo sokuthi amiswe. Ikhefu lakhe liphele ngoJuni kwengezwa ngezinye izinyanga ezintathu eziphelayo

manje ngoSepthemba.

Kuthiwa ikhefu lesibili laba wukuvumelana phakathi kwabameli bakhe nomqashi wakhe. Kuthiwa umasipala ubusaqhuba uphenyo lwawo lwangaphakathi ngodaba lukaNzuza.

Kuvela nokuthi imibandela yakhe yebheyili iqinile kakhulu izokwenza kube nzima ukusebenza.

Imizamo yokuthola uNzuza ayiphumelelanga njengoba ezanywe kaningi ezinsukwini ezehlukene kodwa engalubambi ucingo, engaphenduli ngisho imiyalezo abethunyelelwa yona kwiselula yakhe.

Icala lasenkantolo kulindelekel ukuthi libuyele ngoDisemba lapho kuyozwakala ukuthi liqala nini ukuqulwa.