IHLALELE ovalweni iMeya kaMasipala eMthonjaneni uMnuz Sibonginkosi Biyela okuthiwa uthola izinsongo zokusocongwa futhi useze waqinisa ezokuphepha Isithombe : FACEBOOK/MTHONJANENI LOCAL MUNICIPALITY
IHAMBA ijeqeza iMeya kaMasipala eMthonjaneni, eMelmoth, uMnuz Sibonginkosi Biyela njengoba kuthiwa ithola izingcingo kumuntu thizeni, oyisongela ngokuthi izoya kwagoqanyawo maduze nje.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi uBiyela useqinise ezokuphepha ngokuthi engeze isibalo sabaqaphi abahamba naye lapho eya khona ngenxa yokuthi akazi uzokwehlelwa yini. Kuthiwa lo mlisa usongela imeya ngocingo athi izokwelekwa ngesoyi kanti kusolwa ukuthi kuhlobene nepolitiki.
UMasipala, eMthonjaneni ungomunye wabaphethwe yi-IFP futhi ungaphansi kwesiFunda, iKing Cetshwayo. Imibiko ithi uBiyela usebonakala ehamba ngemoto ayijwayele bese kuba nenye elandela ngemuva nesingqongqo samadoda ahlome ayizingovolo, abonakalayo ukuthi alindele noma yini. Kuthiwa usehlala ekakwe amadoda ubusuku nemini ngoba akwaziwa ukuthi uhlela ini lo mlisa onezinsongo.
Kubikwa ukuthi ngisho imihlangano useyihamba ngokuqaphela eminye angabonakali kuyona ngoba usaba ukulalelwa unyendle. Lokhu kuphazamisa ukusebenza kwemeya ngoba sekufanele ihambe idida umkhondo.
Ethintwa uBiyela ngodaba ukuqinisekisile ukuthi isimo simanzonzo kodwa wathi akafuni ukukhipha imininingwane eminingi. Uthe unovalo lokuthi angase aphazamise uphenyo ngoba uyethemba ukuthi amaphoyisa azoluphenya ngobuyoninco udaba.
" Zikhona zona izinkulumo ezinjalo ezilokhu zivela kodwa manje angisakwazi ukukhuluma ngalolu daba uma selusezandleni zamaphoyisa. Phela angithandi ukuzenza umkhulumeli wamaphoyisa kodwa udaba lusesiteshini eNkandla,’’ kuchaza uBiyela
Kwale ngisho esebuzwa ukuthi usolani, wala waphetha ukuchaza wathi amaphoyisa awadedelwe enze umsebenzi wawo wokuphenya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe likhona icala eliphenywa amaphoyisa aseNkandla.
" Icala lokwesabisa livulwe emuva kokuthi owesilisa oneminyaka engu-51 ethole izinsongo zokwesabiswa eseMelmoth ngoSepthemba 14, udaba lusesesigabeni sophenyo okwamanje,’’ kusho uColonel Mbele.