Izindaba

Bashaqe izimoto zemeya eMnambithi

Khethukula Sangweni|Published

IMEYA kaMasipala i-Alfred Duma eMnambithi uMnuz Vincent Madlala uthi akukho okubi ngokuthathwa kwezimoto emzini wayo kodwa amaphoyisa abeqhuba umsebenzi wawo Isithombe : FACEBOOK/ALFRED DUMA LOCAL MUNICIPALITY

Umthombo othembekile oxoxe neSolezwe ngeSonto, uthe uzibonele ngawawo, amaphoyisa abefake umfaniswano namanye abengawufakile engena egcwala umuzi wemeya ephithizela, ase ebonakala elayisha izimoto elolini, ashaya achitha nazo.

Kuvela ukuthi leli thimba lamaphoyisa yileli eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki esifundazweni nelivela ehhovisi likazwelonke.

Phakathi kwezimoto ezithathiwe kubonakale iBMW bese kuba ngenye umthombo othi ayicacanga ukuthi iyinhlobo enjani. Kuthiwa kunophenyo olunzulu olwenziwa ngamaphoyisa oluthinta ukudubulana okwenzeke ezinsukwini ezedlule.

Kuthiwa udaba lokudubula belubikwe esiteshini samaphoyisa aseZakheni eMnambithi kodwa lwagcina seluphethwe yithimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki.

Ethintwa uMadlala, uvumile ukuthi amaphoyisa afikile kwakhe athatha izimoto, wachaza ukuthi kumaqondana nani.

Uthe izimoto ngezabafana bakhe ababa sesigamekweni sokudutshulwa. Ugcizelele ukuthi yena uyaziqhubekela nomsebenzi wakhe ayikho inkinga futhi ngesikhathi eshayelwa uthe usemhlanganweni. Ukhale ngabantu ababuye benze ihaba uma bexoxa indaba.

“Abafana bami bebehamba ngazo izimoto ebusuku belande intombi yomunye, bathe besendleleni, base bedutshulwa ngabantu abebehamba ngenye imoto. Kukhona oshonile lapho kanti abanye babuye esibhedlela.

“Udaba kade luseZakheni, kwase kushintsha izandla lathathwa elinye ithimba. Ngikholwa wukuthi izimoto zigcinwe enkanjini yamaphoyisa,” kuchaza uMadlala.

Uthe amaphoyisa ake eza ezohlola izimoto kodwa kwaphoqa ukuthi kuqalwe phansi yonke into ngoba sekuthatha elinye ithimba.

Ebuzwa ngodaba amaphoyisa KwaZulu-Natal, azihlangulile athi akubuzwe ithimba eliphenya amacala ezepolitiki ngoba udaba luphethwe yilona.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrig Vishnu Naidoo uthe kabayixoxi nabezindaba indlela abasebenza ngayo.

“Asiyidaluli imininingwane yokusebenza kwethimba lethu nendlela elisebenza ngayo usuku nosuku,’’ kusho uNaidoo.

Kuthathwa izimoto zakwaMadlala nje, naye usanda kubuyela emsebenzini wobumeya emuva kokuthi wayemisiwe ngesikhathi umphakathi umise yonke into, ubhikisha uthi awumfuni nokumbona.

IMEYA kaMasipala i-Alfred Duma eMnambithi, uMnuz Vincent Madlala, ithi akukho okubi ngokuthathwa kwezimoto emzini wayo kodwa amaphoyisa abeqhuba umsebenzi wawo Isithombe: FACEBOOK/ALFRED DUMA LOCAL MUNICIPALITY