Izindaba

Bachitha uSgumza ‘ngebhanoyi’ elaphahlazeka

Thokozani Ndlovu|Published

Sphelele “ Sgumza” Mbatha

ISIPHENDUKE inkombankombane indaba ‘yebhanoyi’ laseMnambithi, elaphahlazeka kwalehleka izimali zabantu. Lokhu kungemva kwenkulumo esanda kwenziwa yilowo owayaziwa njengomphathi walo uMnuz Sphelele “ Sgumza” Mbatha, othe kwakungelona elakhe.

USgumza uphumele obala okokuqala ngeledlule kwiSolezwe ngeSonto, lapho ethe iBitcoin Wallet kwakungekaMnuz Mbheki Hlabisa noMnuz Zwelinjani Bhengu.

Uveze ukuthi yonke imali eyayitshalwa kwiBitcoin Wallet yayiya kubona wathi naye walahlekelwa yimali ayifaka khona.

Isolezwe ngeSonto, ligcine liphumelela ukuthola uMnuz Zwelinjani Bhengu, okuchithile okushiwo wuSgumza.

“Mina ngingusomabhizinisi ozimele, akulona iqiniso okushiwo wuSgumza. Ngiyamazi futhi angilwi naye.

“Kumanje sengimfake kubameli ngokudicilela phansi igama lami njengoba evele ephephandabeni ngeledlule ethi ngihambe nemali yabantu okungelona iqiniso. Angikaze ngihambe ngipha abantu imali njengoba ekade enza yena eMnambithi, futhi angikaze ngiqhamuke nezimoto zikaR3 million lezi abehamba ngazo. Yena kufanele amele into yakhe, angafaki abanye abantu kuyona,” kusho uBhengu.

UBhengu uthe useke wahlaselwa kaningi abantu abebefuna ukumdubula agcine ezwile ukuthi bathunywe wuSgumza kodwa ubengakwazi ukumthathela izinyathelo zomthetho ngoba ubengenabo ubufakazi bokuthi bathunywe nguyena ngempela.

Emva kodaba lwangesonto eledlule kuvele abanye besifazane abathe uSgumza unamanga uma ethi iBitcoin Wallet bekungeyona eyakhe.

UNksz Philisiwe Zuma uthe bona bazi ukuthi iBitcoin Wallet kwakungekaSgumza.

“Ngisho esicela ukuthi sifake imali kuyona uSgumza, wayethi eyakhe iBitcoin Wallet. Mina ngalahlekelwa wuR40 000 kuyona kanti kunesihlobo sami esalahlekelwa wuR100 000. Sicela uSgumza abuyise imali yethu.

“Ukuvela kwakhe ephepheni kusivusele amanxeba abesephola ngoba asikaze sizwe ukuthi kukhona omunye umuntu ophethe leli bhizinisi ngaphandle kwakhe,” kusho uNksz Zuma.

Omunye othe unguNksz Mthembu, uthe kungamanga okushiwo wuSgumza.

“Uma kungukuthi leli bhizinisi kwakungelona elakhe wayekwazi kanjani ukuhamba, esaphaza imali emgwaqweni ezibiza ngosozigidi. Wayengeke asaphaze imali engezi kuyena. Uma kungukuthi wayeyitshalile naye, pho wayeyithathephi ayehamba eyisaphaza size simbize ngoNkulunkulu waseMnambithi?

“Mina ngalahlekelwa wuR200 000 kuleli bhizinisi lakhe, ngicela abuyise imali yami,” kusho uNksz Mthembu.

Ethintwa uSgumza, uthe usamile kwakusho ngeledlule kuleli phephandaba.