OWAYEYIMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
Lokhu kushiwo ngokhulumela abalandeli baNkk Gumede uMnuz Mzomuhle Dube, izolo njengoba kuqhubeka izinkulumo mayelana nekusasa lakhe.
NgoLwesihlanu i-ANC KwaZulu-Natal inqume ukuthi uNkk Gumede ashenxe esikhundleni sakhe njengoba ebeseyilungu lesiShayamthetho.
Lesi sinqumo simphuce namandla okuba sethimbeni elihlela ingqungquthela yaseThekwini. Omunye ocelwe ukuba ahoxe yiPhini likaSihlalo we-ANC esifundazweni uMnuz Mike Mabuyakhulu njengoba ebhekene namacala okukhwabanisa.
UDube uthe baqonda ukuthi ukuhoxiswa kukaNkk Gumede kusho ukuthi ngeke angenele umbango aze ageze igama lakhe kodwa basameseka ngoba kabanaye omunye.
UDube unethemba lokuthi uNkk Gumede uzophumelela enkantolo yamacala athinta imali ngoSepthemba 10, njengoba abameli bakhe bezofaka isicelo sokuthi icala lisulwe ohlwini ngoba uMbuso awukakulungeli ukuqala uliqule.
Uthe ukuvela kukaNkk Gumede ekomitini eliqondisa ubugwegwe kuzobhungwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC.
Okhulumela i-ANC eKZN uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe isimemezelo abasenzile sicacile ukuthi uNkk Gumede ngeke akwazi ukuba yingxenye yethimba lasesiShayamthetho kanjalo nanoma iyiphi into ethinta le nhlangano ngaphambi kokuba avele phambi kwekomiti lobugwegwe.
“I-ANC izobe isinquma ukuthi yenzeni uma esevele phambi kwekomiti,” kusho uNtombela.
Khonanamjalo emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC ngempelasonto kuthiwa noMengameli Cyril Ramaphosa obekunamalungu okuthiwa abemfuna esulile esikhundleni, kuthiwa uvumile ukuvela ngaphambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.