Izindaba

Impi yamazwi kuTrevor Manuel ne-ANC

Samkelo Mtshali|Published

OwayenguNgqongqoshe weziMali kuleli uMnuz Trevor Manuel. Isithombe: Ian Landsberg.

I-ANC igxeke owayengungqongqoshe wezimali, uMnuz Trevor Manuel, ngokuthi uthe ifana nento engekho iminyaka engu-26 okuphathe ngayo inhlangano.

UManuel okuthiwa ukusho lokhu ekhuluma kwi-webinar ngeledlule, kuthiwa uthe amahlandla ayisithupha le nhlangano iphethe afana nento engekho.

Okhulumela le nhlangano uMnuz Pule Mabe, uthe bayalihlonipha ilungelo likaManuel lokukhuluma ngokukhululeka kodwa bayamluleka ukuthi angangeni ogibeni lokugxeka le nhlangano.

“Akushoyo kungathathwa njengokuthi indlala, inhlupheko, ukungalingani kanjalo nezinga eliphezulu lokungasebenzi kuqale ngo-1994. Zikhona izinhlelo ezabakhona zokuzama ukubeka izwe endaweni enhle ngakwezomnotho nokulithuthukisa. Kusuka ngo-1994 impilo yabantu bakuleli ithuthukile,” kusho uMabe.

Uthe baningi abantu abathola izindlu, amanzi ahlanzekile, imfundo, isibonelelo, ezempilo ezisezingeni elihle kanjalo nemfundo.

Uthe i-ANC yathola izwe lapho abantu abamnyama babeshiywe ngaphandle kwezomnotho.

Akukhona okokuqala uManuel enombono ongemuhle nge-ANC njengoba ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya, wathi ayancipha amathuba ale nhlangano okuhlala emandleni.

Izolo uManuel unqabile ukukhuluma ne-Independent Media, eshicilela Isolezwe wathi umatasa.