OMAKADEBONA be-ANC iMKMVA ithi akumele kube sengathi uMengameli Cyril Ramaphosa ungcono konowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma njengoba kubukeka sengathi kunjalo Isithombe: ELMOND JIYANE/GCIS
UMENGAMELI woMkhonto weSizwe Military Veterans Association uMnuz Kebby Maphatsoe, uthe sesiphelile isikhathi sokungphumeli obala mayelana nezikhalazo zomakade bebona be-ANC ababhekene nazo.
Ubekhuluma esithangamini sabezindaba ekoMkhulu le-ANC iLuthuli House eGoli ngoLwesibili.
Le nkulumo yakhe ilandela umhlangano wesigungu esiphezulu sale nhlangano othathe izinsuku ezimbili.
Ngokuka Maphatsoe, bazizwa bedayisiwe yinhlangano abayivotela ukuba iphathe izwe.
“Ngimangele ngobuqembu obukhonjiswa yisisgungu esiphezulu se-ANC. Asikhombisi ubuholi obukwaziyo ukuthatha izinqumo,” kusho uMaphatsoe.
Uthe nakuba bekhona ozakwabo kwi-MKMVA asebesizakele ngezindlu nangokwemfundo, kodwa iningi labo lisabhuqwa yindlala, kuyenzeka lilale lilambile.
“Elakuleli yilona lizwe kuphela elingenandaba nokuhlonipha omakadebona balo abalwela inkululeko,” kusho yena.
Uthe umbango wobuqembu okhona phakathi kwesigungu esikhulu se-ANC, wenza kube lukhuni kule nhlangano ukulwa nokuntshontsha nenkohlakalo edlangile kulona.
“I-ANC ilahlekelwa ubuyona ngendlela eyenza ngayo. Sifuna ilwe nenkohlakalo ngaphandle kokwesaba nokwenzelela,” usho njalo.
Ngokwakhe, siphelile isikhathi sokuthula nokuba amagwala ngoba umlando uyobahlulela.
UMgcinimafa Jikelele we-MKMVA uMnuz Des Van Rooyen, uthe akumele kube sengathi ukhona ongcono phakathi kowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa ongumengameli.