Izindaba

I-ANC noNkulunkulu bangisule izinyembezi - Zandile Gumede

Sihle Mavuso|Published

OwayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede uthi i-ANC noNkulunkulu bamesule izinyembeze ngomsebenzi wakhe omusha wokuba yilungu lesiShayamthetho eKZN. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

UNkk Gumede uveze lokhu engxoxweni ne-Independent Media kulandela ukufungiswa njengelungu lesiShayamthetho ngoLwesithathu okuthuse abaningi.

Ungaphandle ngebheyili kaR50 000 ecaleni lenkohlakalo elithinta ithenda yezigidi zamarandi yokuqoqa udoti eThekwini.

Ngaphanndle kokuqokelwa kulesi sikhundla, uNkk Gumede uthe awukapheli umsebenzi wakhe eThekwini.

“Angikawuqedi umsebenzi wami njengoba amagatsha e-ANC esafuna ngibe wusihlalo wesifunda. Ngishiye kuphela isikhundla sami kohulumeni basekhaya kodwa njengelungu le-ANC ngisasebenza eThekwini. Ukujutshwa kwami esikhundleni sokuba yilungu lesiShayamthetho, uNkulunkulu ne-ANC basule izinyembezi zami njengoba nizokhumbula ukuthi kwenzekeni nyakenye kuyo le nyanga. Ngiyajabula ukuthi ukuqashelwa kulesi sikhundla kuze ngesikhathi esifanele, enyangeni yabesifazane,” kuchaza uNkk Gumede.

UNkk Gumede uphinde wabachitha abangahambisani nokuqashwa kwakhe kulesi sikhundla ngenxa yamacala enkohlakalo abhekene nawo.

“Sengikuqaphelile ukuthi kunezinkulumo emphakathini. Okumele bakwazi ukuthi kuze kube yinamhlanje umbuso awukangibeki macala kodwa bona sebeyangehlulela ngoba sebazi konke. Abantu kumele bakwazi lokho bakhumbule nokuthi umuntu umsulwa kuze kube ulahlwa yicala,” usho kanje.