UMENGAMELI weCope uMnuz Mosiuoa Lekota uthe neFreedom Charter iyakugcizelela ukuthi kube abantu abaphathayo, yingakho kubalulekile bavunyelwe ukungenela ukhetho ngokuzimela bangaphoqwa ukwenza lokhu ngaphansi kwamaqembu ezepolitiki abangamalungu awo Isithombe: TWITTER
UFINYELELE kwelinye izinga ngoLwesithathu umkhankaso wokugqugquzela izakhamuzi zakuleli ukuthi zibeke imibono yazo ngesiphakamiso esamenyezelwa yiNkantolo yoMthethosisekelo kuleli, ukuthi i-Electoral Act 73 ka-1998, ayihambisani nomthethosisekelo wakuleli.
Njengamanje lo mthetho uvalela ngaphandle abantu abangewona amalungu amaqembu ezepolitiki ukuthi bangenele ukhetho ngokuzimela.
Izethulo zomphakathi ngalolu daba zizogcina ukwamukelwa ngoSepthemba 30.
Abaholi bezinhlangano ezahlukene okubalwa kubo uMnuz Mosiuoa Lekota ongumengameli weCope, uMnuz Mmusi Maimane we-One South Africa Movement nosomabhizinisi uDkt Michael Louis weNew Nation Movement okuyiyo eyafaka icala ngalo mthetho enkantolo, babe nesithangami sabezindaba lapho bakhumbuze khona abantu ukuthi sesifikile isikhathi sokuzwakala kwezwi labo nokugcwaliseka kokusebenza kwentando yabantu.
ULekota uthe neFreedom Charter ikubeka obala ukuthi ngabantu abayophatha umbuso, wagqugquzela umphakathi ukuthi uthumele izethulo zawo kusukela manje, ucacise ukuthi ufuna ukuholwa abantu abakhethwe yiwona, hhayi ngamaqembu ezepolitiki.
“Phambilini abantu bebengavunyelwa ukuzikhethela abantu abazobamela ephalamende. Lesi siphakamiso sokubuyekezwa kwalo mthetho, abantu bafuna ukuholwa abantu abaseduze nabo,” kusho uLekota.
Uthe ukungenela ukhetho kwabantu bezimele bengekho ngaphansi kwenhlangano yezepolitiki, kuzobasiza bakwazi ukuzimela, kuthuthuke nentando yabantu.
Uthe umbono wabo wukuthi kuncishiswe amalungu ephalamende likazwelonke nesibalo samalungu ezishayamthetho zesifundazwe ukuze intando yabantu isebenze ngokufanele.
UMnuz Mmusi Maimane we-One South Africa Movement, uthe sekuyisikhathi sokuthi abantu bakukeli abangenazwi, basebenzise leli thuba.
“Njengamanje amasela enza konke akuthandayo. Aphenyana wodwa.
“Mangaki amaKhomishini asesunguliwe kungathathwa zinyathelo. Abathinteka enkohlakalweni ubabona sebephindela ephalamende futhi,” kusho uMaimane.
Uthe okubuhlugu wukuthi leli lizwe lizohlala lisezikweletini izizukulwane ngezizukulwane.