Izindaba

OweDA uphonsela umholi inselelo

Themba Ntshingila|Published

ILUNGU lesiShayamthetho elimele iDA KwaZulu-Natal futhi eligaqele ukuhola leli qembu kuzwelonke uNksz Mbali Ntuli, seliphonsele umholi waleli qembu wesikhashana uMnuz John Steenhuisen inselelo ngenkulumompikiswano kwithelevishini ngezinhlelo zabo zokuhola leli qembu.

Kulindeleke ukuthi iqembu likhethe umholi walo kazwelonke kusukela ngo-Okthoba 31 kuya kuNovemba 1.

Uthe njengoba ecela uzakwabo kwinkulumompikiswano, ufuna abantu bababuze imibuzo ngezinhlelo zabo zokuthuthukisa umnotho nokwabiwa komhlaba.

“Abantu bakuleli badinga umuntu ozobabuyisela ithemba. USteenhuisen akakaze abe nendawo enabantu abaholayo lapho ehlala khona,” kusho uNksz Ntuli.

NgokukaNksz Ntuli, akakuboni okungenza uSteenhuisen anqabe ukuthi babe nenkulumompikiswano kwithelevishini ngezinto ezidingwa ngumphakathi.

Enye yezinto athe ufuna yenziwe yiDA, wukungena kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ezepolitiki.

“I-DA isakuthola kunzima ukwamukela uhulumeni lapho amaqembu ezepolitiki esebenzisana khona,” kusho yena.

Umbango wesikhundla sokuhola leli qembu kuzwelonke uqubuke ngemva kokuthi owayengumholi walo uMnuz Mmusi Maimane elaxaze lesi sikhundla. USteenhuisen uphendule ngokuthi yiqembu elizonquma ukuthi le nkulumompikiswano ingaba khona yini.