Izindaba

Kungenelela uMvikeli woMphakathi ngokusebenza kwemali ye-Covid-19

Themba Ntshingila|Published

ISIBHEDLELA iChris Hani Baragwanath Academic, singesinye sezibhedlela eziseGauteng uMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mhwebane ahlele ukuzihambela ukuhlola ukuthi izinsiza zeCovid-19, zahlinzekwa ngendlela efanele yini nakusona Isithombe: NOKUTHULA MBATHA/ANA

UMVIKELI woMpakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, uthe uzokwenza isiqiniseko sokuphenya ukuthi yonke imali eyahlinzekwa ukuba ithenge izinsiza zeCovid-19 eGauteng, yasebenza ngondlela efanele.

U-Advocate Mkhwebane ukhulume kanje ngenkathi ehambele izibhedlela ezahlukene kule ndawo ngoLwesibili, ukubheka ukuthi zahlinzekwa ngokuyikho yikho ngezidingo zokunqanda ukubhebhetheka kwecoronavirus.

“Sizokwenza isiqiniseko sokuthi siphenya ngezinkampani ezanikezwa umsebenzi wokuhlinzeka ngezidingo zeCovid-19, ukuthi abasebenzi bezempilo banikezwa izinsiza ezisezingeni elifanele yini,” kusho u-Advocate Mkhwebane.

Uthe ukuthunyelwa kwezinsiza eziseqopheleni elifanele, kusiza abasebenzi bezempilo nomphakathi ohambela izibhedlela kule ndawo.

“Sifuna nokuthola ukuthi uhulumeni wesigcina yini isethembiso sokwakha izibhedlela kulesi sikhathi seCovid-19, nokuthi izinsiza zathunyelwa ngendlela efanele yini,” usho njalo.

Ukhuluma kanjena nje u-Advocate Mkhwebane kuzokhumbuleka ukuthi kuyimanje kusaqhubeka uphenyo ngezinsolo zokusetshenziswa budedengu kwemali yabakhokhibentela ngokunikezwa abathile amathenda okuhlinzeka ngezinsiza zeCovid-19, okusolakala ukuthi akwenziwanga ngendlela efanele.