Izindaba

Akukabi yisikhathi sokujabula lesi - Ramaphosa

Themba Ntshingila|Published

UKUDAYISWA kotshwala ngezinye zezinto uMengameli Cyril Ramaphosa amemezele ukuthi zizovumeleka ngaphansi kwesigaba sesibili sikathaqa elakuleli elizowelela kusona namhlanje ebusuku Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uxwayisa abantu bakuleli ukuthi bangasheshi ukujabula bazitshele ukuthi iCovid-19 isizophela njengoba kuxegiswe imithetho ethile, kwazise elakuleli lizowelela esigabeni sesibili kusukela namhlanje.

Eseka akushoyo, uRamaphosa wenze isibonelo ngeNew Zealand, wathi emva kwezinyanga ezintathu leliya lizwe kade selithathwa njengelingasenayo iCovid-19, sekuphindwe kwashaywa umthetho kathaqa kulona kulandela ukuqubuka kabusha kwaleli gciwane.

Uthe nasezindaweni ezithile e-Europe, kuye kwaphoqeleka ukuthi kushaywe imithetho eqinile kulandela “ukuhlasela kabusha” kweCovid-19.

“Lokhu kukhombisa indlela izinto ezingasheshe zishintshe ngayo uma kukhulunywa ngeCovid-19,” kusho uRamaphosa.

Uthe ukuwelela esigabeni sesibili, kusho ukukhululeka kwabantu bakuleli kulandela ukuphila kwabo ngaphansi kwemithetho enzima izinyanga ezinhlanu ngaphansi komthetho kathaqa.

“Kubalulekile ukuthi sithuthuke njengoba siqala kabusha umnotho wethu,” kusho yena.

NgokukaRamaphosa, elakuleli lisesemkhankasweni wokulwa naleli gciwane eseledlule nemiphefumulo yabantu abangaphezulu kuka-11,000 kuleli.

“Nakuba kunethemba ngokwehla kwabantu abasuleleka ngaleli gciwane kuleli, kusenokwenzeka futhi ukuthi les sifo siqubuke kabusha,” kuxwayisa uRamaphosa.

Uthe kumele kuqashelwe ukuthi ukuxegiswa kwemithetho kuhambisana nobucayi bokusuleleka kwabantu ngeCovid-19.

“Okumele sikwenze ukunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane lingabhebhetheki ukuze singabuyeli emuva,” uxwayise kanje.

Ngokukwakhe, okungasibuyisela emuva ubudedengu okungenziwa abantu uma bevakashele izihlobo, ikakhulukazi abantu asebebadala, abangenwa kalula yileli gciwane, abantu abaya emasontweni nabahambela imicimbi eyahlukene.

URamaphosa ukhuluma kanjena emva kokuba ememezele ngoMgqibelo ukuthi elakuleli lizosuka esigabani sesithathu sikathaqa, liwelele esigabeni sesibili.

Phakathi kwezinto ezizovumeleka esigabeni sesibili, ukudayiswa kotshwala nogwayi.