Izindaba

Uphonsela uzakwabo inselelo kwiDA

Themba Ntshingila|Published

Isithombe esifakwe uNksz Mbali Ntuli ezinkundleni zokuxhumana ephonsela uMnuz John Steenhuisen inselelo yenkulumompikiswano kwithelevishini.

ILUNGU lesiShayamthetho elimele iDA KwaZulu-Natal, futhi eligaqele ukuhola le nhlangano kuzwelonke uNksz Mbali Ntuli, usephonsele umholi waleli qembu wesikhashana uMnuz John Steenhuisen inselelo ngenkulumompikiswano kwithelevishini ngezinhlelo zabo abanazo zokuhola leli qembu.

Kulindeleke ukuthi leli qembu likhethe umholi walo kazwelonke kusukela ngo-Okthoba 31 kuya kuya kuNovemba 1.

Uthe njengoba ecela uzakwano kwinkulumompikiswano, ufuna abantu bababuze imibuzo ngezinhlelo abanazo ngokuthuthukisa umnotho wakuleli nokwabiwa komhlaba.

“Abantu bakuleli badinga umuntu ozobabuyisela ithemba. USteenhuisen akakaze abe nendawo enabantu abaholayo lapho ehlala khona,” kusho uNksz Ntuli.

NgokukaNksz Ntuli, akakuboni okungenza uSteenhuisen enqabe ukuthi babe nenkulumompikiswa kwithelevishini ngezinto ezidingwa ngumphakathi.

Enye yezinto athe ufuna yenziwe yi-DA, ukungena kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ezepolitiki.

“IDA isakuthola kunzima ukwamukela uhulumeni lapho amaqembu ezepolitiki esebenzisana khona,” kusho yena.

Umbango wesikhundla sokuhola leli qembu kuwelonke waba emva kokuthi owayengumholi walo uMnuz Mmusi Maimane esilaxaze phansi lesi sikhundla emva kokusolwa ngokungenzi kahle okhethweni lukazwelonke ngonyaka odlule.