AMAPHOYISA akuleli aseqinise ithimba labaphenyi mayelana nesigameko sokubulwa kwabesifazane abahlanu eMthwalume abatholakale emahlathini esimoba kule ndawo.
Usho kanje uMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke ngoMsombuluko kade ehambele kule ndawo.
UCele ubehambele kule ndawo ngethemba lokuthi kunabasolwa abazovela eNkantolo yeMantshi eMzumbe ngawo uMsombuluko kodwa okugcine bengavelanga.
Kubikwe ukuthi omunye umsolwa uzilengise esitokisini samaphoyisa eScottburgh lapho abegqunywe khona kuzokusa kube wusuku azovela ngalo enkantolo.
“Baningi nabanye okusolwa ukuthi ukuthi oshonile wabagila abalahleka. Nosaphila usazophenywa amaphoyisa, wukuthi bake bathi ukumtitinya,” kusho uCele.
Ngokusho kukaCele, kunezinto ezithile okukholakala ukuthi ezabantu besifazane ababulala okukhona kuzo namaselula ezitholakale lapho obekuhlala khona umsolwa ozilengisile.
“Siphatheke kabi nathi sekuthiwa umsolwa akasekho emhlabeni. Nami ngisibonile isithombe sikamsolwa silenga. Uphiko oluphenya amaphoyisa i-Independent Police Investigating Directorate (Ipid), iyona esisingethe lolu daba.
“Sifuna isitshele ukuthi yini edale ukuthi umsolwa azilengise. Sizonazisa uma sebeqedile ngophenyo lwabo,” kuchaza uCele.