Kuqhilike izihlathi kwabaningi uMengameli Cyril Ramaphosa ememezela ukuthi buyabuyiswa utshwala nogwayi njengoba leli lizwe selizongena esigabeni sesibili zokuvalwa kwezwe kusukela ngoMsombuluko phakathi kwamabili.
URamaphosa uthe indlela esehle ngayo isibalo sabantu abahaqwa yileli gciwane emasontweni amathathu edlule, yenze bavumelana nemikhandlu ebelulekayo ukuthi izwe lingangena kulesi sigaba.
Uphinde wamemezela ukuthi abantu sebezokwazi ukuhamba ngokukhululeka besuka kwezinye izifundazwe beya kwezinye. Sekuzovumeleka nokuvakashelana kwemindeni, kodwa kusazobaluleka ukuthi lokhu kwenziwe ngendlela yokuthi leli gciwane lingabhebhetheki, abantu bafake izifonyo futhi baqhelelane.
Uthe ukudayiswa kukatshwala kuzovumeleka ngoMsombuluko kuze kube wuLwesine. Izindawo ezinamalayisense okudayiswa utshwala ezifana namathaveni nezinye, sezozikwazi ukudayisela amakhasimende azo utshwala kuze kube yihora leshumi. Abaphuzayo sebezovumeleka ukuthi babukhe bezihlalele kulezi zindawo.
Nezindawo zokudlela futhi sezizokwazi ukudayisela amakhasimende azo uphuzo oludakayo.
Izindawo zokuzivocavoca nazo sezivumelekile ukuthi zingasebenza ngaphansi kwalesi sigaba sokuvalwa kwezwe.
’’Namanje akukazovumeleka ukuthi abantu bahlangane babe baningi...okuhlanganisa amasonto, izibukeli kwezemidlalo nasemingcwabeni. Kusamele abantu bangadluli ku-50,“ kusho uRamaphosa.
Uthe izinga lokusinda kwabantu abasuke bengenwe yiCovid-19 lenyuke ngendlela enika ithemba njengoba lisuka ku48% egcina ukukhuluma nesizwe, manje selifinyelele ku80%.