UMQONDISI kazwelonke weNational Prosecuting Authority osekusemandleni akhe ukuthi uqala ngawaphi amacala ukushushisa abasolekayo phakathi kwangu-2,500 Oklebe abathi bona sebeqedile ngawo Isithombe: GCIS
ABALELWA ku-2 500 amacala i-National Prosecuting Authority okuzomele ibone ukuthi iqala ngamaphi kuwona ukushushisa abasoleka enkohlakalweni.
Usho kanje uLietenant-General Godfrey Lebeya oyinhloko yoKlebe ngenkathi echaza ngokuthi sekusemome ukuthi anekelwe umphakathi amagama abantu abasoleka enkohlakalweni nasekukhwabaniseni kuleli.
Lapha kubalwa amacala ezinsolo ngethenda yakwaPrasa enguR2.6 billion, inkohlakalo eyenzeka kwa-Eskom nophenyo lwenkohlakalo oluthinta owayenguKhomishana wamaphoyisa kuleli, uLietenant-General Khomotso Phahlane.
NgokukaLebeya, into esibabambezele, abacwaningi mabhuku abasebenzisana nabo okuyibona ababanikeza umbiko abasebenzela phezu kwawo uma bezokwenza uphenyo.
“Ngeke ngisho ukuthi amagama abathinteka enkohlakalweni azomenyezelwa nini. Kuyenzeka ubeke isikhathi bese kuvela okunye futhi okumele kuphenywe,” kusho uLebeya.
Uthe kuyenzeka kwesinye isikhathi njengoKlebe, balekelele iSpecial Investigating Unit (SIU) ophenyweni lwayo, njengoba kwenzeka nasodabeni oluthinta uPhahlane.
“Abantu abaningi babuza kakhulu ngophenyo oluthinta osopolitiki kanti akubona bodwa esibaphenyayo, bakhona nabanye komasipala,” kuchaza yena.