Izindaba

Zehlile izibalo zobugebengu obubucayi

Charles Khuzwayo|Published

IZIBALO zamacala abucayi zehle ngo2.7% phakathi kuka-Ephreli 2019 noMashi 2020. Lokhu kudalulwe wuKhomishana wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Khehla Sitole, ngesikhathi ethula umbiko ngezinga lobugebengu kuleli namhlanje.

Emacaleni abucayi kubalwa awokubulala, awokuzama ukubulala, awokudlwengula nawokugqekeza.

Uthe zintathu izinto ezibe yimbangela yokwehla kwezibalo. "Ngicabanga ukuthi izifundazwe ezintathu ebeziyisidleke salokhu zihlikiziwe. Siphumelele ukuhlikiza isidleke sobugebengu eWestern Cape, okuyisifundazwe esihamba phambili uma kukhulunywa ngokubulala. Nase-Eastern Cape sisihlikizile isidleke sobugebengu," kusho uSitole.

Yize kunjalo kodwa izibalo zokubulala okujwayelekile zona zikhuphuke ngo1.4%, okuchaza ukuthi kubulawe abantu abangaphezu kuka21 000.

UMajor-General Norman Sekhukhune uthe amacala okudlwengula akhuphukile.

"Ubugebengu besibili obumayelana nokuhlukumeza ngokocansi lapho sibe namacala awu53 293 ngonyaka wezimali ka2019/2020, okwengezeke ngawu873 uma kuqhathaniswa nezibalo zangonyaka owedlule, okusho ukuthi zikhuphuke ngo1.7%."

Okunye okuvelile ukuthi amacala okubanjwa inkunzi kuhlonyiwe nokwezimoto ezithwala imali kwehlile. Ukugqekezwa kwemizi kwehle ngo5.8% kwathi ukudunwa kwezimoto kona kwanyuka ngo13%.

Ukubikwa kobugebengu kunyuke ngo0.7 eGauteng naKwaZulu-Natal, okuyizifundazwe ezizihola phambili. ENorth West naseFree State kwehlile ukubikwa kwamacala enzeka emiphakathini.