Izindaba

Bazovela ekomitini le-ANC eGauteng

ANA Reporter|Published

UNGQONGQOSHE wezeMpilo eGauteng, uDkt Bandile Masuku, nonkosikazi wakhe uLoyiso, bathathe ikhefu emsebenzini emuva kokuthinteka kwabo kwithenda kaR125 million, yempahla yokuzivikela kwiCorona.

UNkk Masuku usebenza kumasipala waseGoli. Ukuthatha kwabo ikhefu kwenzeka emuva kokuthi kube nezinsolo zokwenzelela koMnyango wezeMpilo eGauteng ngenkathi unika inkosi yamaBhaca uMadzikane Diko ithenda, ongumyeni kaNkk Khuselo Diko okhulumela uMengameli Cyril Ramaphosa.

Kulindeleke bethathe ikhefu cishe amasonto amabili kuya kwamane. AbakwaMasuku noNkk Diko bazovela phambi kwekomiti lezobuqotho kwi-ANC. Kwisitatimende sikaNkk Diko ngoLwesithathu uthe uyaxolisa ngokuthi ubukhosi bamaBhaca benze isivumelwane zokusebenzisana nomnyango. Isinqumo sokuthi abakwaMasuku baye ekhefini simenyezelwe i-ANC eGauteng izolo.

UNobhala we-ANC eGauteng uMnuz Jacob Khawe, uthe bahlela ukuthi ikomiti liphothule umsebenzi emasontweni amabili kuya kwamane. Uthe njengoba uNkk Diko ethathe ikhefu babone kufanele ukuthi nabakwaMasuku bathathe ikhefu.

“Senze lesi sinqumo ukuze kuvele ukusebenza okungenagcobho kuhulumeni. Sithathe isinqumo esivuna wonke umuntu ukuze abathintekayo bezokwazi ukuzikhulumela,” kusho uKhawe.

Uthe ukuvela ekomitini akusho ukuthi banamacala.

I-ANC icele neSpecial Investigating Unit (SIU) ukuba isheshe ukuphothula uphenyo lwayo.

UNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura, ugxeke inkohlakalo wathi esikhundleni sikaMasuku kuzobamba uMnuz Jacob Mamabolo, uNgqongqoshe wezokuThutha.