Izindaba

UKhoza akathintene nenkohlakalo: ANC

Mlungisi Gumede|Published

ILUNGU le-ANC uMnuz Nhlaka Ntombela eseliqokwe njengo mkhulumeli wombutho KwaZulu-Natal, uNtombela uvala isikhala esivuleke emva kokushona kukaMnuz Ricardo Mthembu. isithombe: ANC/Facebook

I-ANC ivikela uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, umnyango wakhe osolwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa mayelana nethenda yokuthengwa kwezingubo zokulala ezidle imali engaphezu kukaR20 million.

Esithangamini nabezindaba izolo uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe uNkk Khoza akathinteki ezinsolweni zomnyango wakhe.

“Emva kokuvela kwezinsolo, i-ANC esifundazweni iyona eyayalela uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ukuthi enze uphenyo. Siyajabula ukuthi umphumela wophenyo lokuqala usuphumile. Okubalulekile wukuthi ungqongqoshe akathinteki. Zikhona izikhulu ezithintekayo,” kusho uNtuli.

UKuphawula kukaNtuli kungenxa yezikhalo zamaqembu aphikisayo aphakamisa ukuthi akaxoshwe uNkk Khoza emuva kokuvela kwezinsolo.

UNtuli uthe uZikalala umbiko uwunike uNkk Khoza ukuze labo abathintekayo bathathelwe izinyathelo.

Ebuza ukuthi kungani uNkk Khoza engazange enze lutho kodwa kube kunezinsolo zenkohlakalo emnyangweni wakhe, uNtuli uthe uNgqongqoshe wasola kodwa wangakwazi ukuthatha izinyathelo ngoba noma yikuphi ayezokwenza kwakuzoba sengathi mhlawumbe akahambisani nokuthi ithenda itholwe ngubani.

Ngokwemibiko yabezindaba, umnyango wathenga izingubo zokulala ezingaphazu kuka-40 000 ngemali engaphezu kuka-20 million.

Izingubo zathengwa ukusiza abahlukunyezwe yiCorona ngezindlela ezehlukene.

UNtuli uthe bebengafuni ukuthi umnyango uzenzele uphenyo ngoba bebegwema ukuthi usolwe ngokuba ngumdlali nonompempe ngesikhathi esisodwa.

Mayelana nodaba oluthinta ilungu le-ANC esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Jomo Sibiya, elisolwa ngokuhlukumeza owesifazane okuthiwa belithandana naye laze lamkhulelisa, uNtuli uthe uSibiya uzovela phambi kwethimba elisungulwe nguZikalala eliphenya udaba.

Kubhalelwe uZikalala noSomlomo waKwaZulu-Nata becelwa ukuthi baphenye.

Encwadini kuthintwa igama likaSibiya, eleMeya yaseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba, okuthiwa wamkhipha isisu ngaphandle kokuvumelana naye ngoba eyalelwe nguSibiya nelikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka.

UNtuli uthe bonke abathintekayo kuzomele bathule uhlangothi labo ethimbeni eliqokiwe eliholwa ngowayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu.

“Ithimba likaMchunu siyalithemba ukuthi lizokwenza umsebenzi ngendlela esezingeni eliphezulu ngaphandle kokuchema,” kusho uNtuli.

Uthe izinsolo ezibhekena namaqabane zinzima, uma kutholakala ukuthi ziyiqiniso kuzothathwa izinyathelo ezinqala.

UNtuli ubuye wamemezela ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal isiqoke uMnuz Nhlakanipho Ntombela njengomkhulumeli wayo omusha.

Uthe uNtombela uvala isikhala esivuleke emuva kokushona kukaMnuz Ricardo Mthembu obulewe yiCorona.