Izindaba

Abantu bakuleli bakhathazekile ngemali ebolekwa kwi-IMF

Mlungisi Gumede|Published

UNGQONGQOSHE wezeZimali kuleli uMnuz Tito Mboweni

IZINHLAKA ezehlukene emphakathini sezizwakalise ukukhathazeka ngoR70 billion, i-IMF ewuboleke iNingizimu Afrika ukuze ilwe neCorona.

Enye yezinyunyana ezindala kuleli, i-United Association of South Africa (UASA) ikwabazwakalise ukungenami ngale mali.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, okhulumela i-UASA uMnuz Stanford Mazhindu, uthe nakuba bekuqonda ukuthi iNingizimu Afrika iyayidinga le mali kodwa bakhathazekile ngokuthi izonyusela izwe izikweletu.

“Noma ngabe kuthiwa le mali izoba nenzalo encane kodwa kuyakhathaza ukuthi siyithathe njengezwe ikakhulu njengoba sisahluleka nokwenza isiqiniseko sokuthi amabhizinisi kahulumenni asebenza ngendlela,” kusho uMazhindu.

Uthe enye into ebakhathazayo ukuthi kungenzeka le mali ingayi lapho kumele ifinyelele khona ngenxa yezinga eliphezulu lenkohlakalo.

“Sikhuluma nje iningi imali esikhwatshanisiwe ebiyabelwe ukuthi isize ekulweni neCovid-19,” kusho uMazhindu.

Uthe banxusa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba anekele izwe ukuthi le mali iyisima kanjani.

UNobhala-jikelele weNFP uMnuz Cannan Mdletshe, uthe iqembu labo likhathazekile ngale mali, wengeza ngokuthi okubathusa kakhulu ekugcineni ukuthi izogcina isikhokhwa ngabakhokhi bentela.

“Nakuba le mali izokwazi ukuxazulula izinkinga okwesikhashana kodwa sikhathazekile ngokuthi ekugcineni izodinga ukuthi iphinde emuva nenzalo enkulu kanti nomnotho wethu uyantenga,” kusho uMdletshe.

Uthe akangabazi ukuthi le mali izokhwatshaniswa njengoba kwenzeka nakwenye eyabelwe ukulwa neCovid-19.

UMdletshe uthe uRamaphosa kumele adayise izinyathi zakhe, alekelele ngemali yazo ekulweni neCorona.

Ihhovisi likamgcinimafa ngoMsombuluko lithe le mali izosiza ekulekeleleni umnotho nasekunciphiseni umthelela omubi oze neCorona.

Ngeledlule i-African Development Bank igunyaze ukuthi izoxhasa uhulumeni ngoR5 billion, ukuze alwe neCorona.

UNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni uthe imali izosiza ekudaleni amathuba emisebenzi, ivuselele umnotho iphinde ikhokhele nezinye izikweletu.

UMboweni kulindeleke ukuthi aye ePhalamende ayochaza kabanzi ngale mali ekhishwe yi-IMF kanjalo nangendaba yemali ethinta ukuthengwa okokuzivikela kwiCorona.

Ezinkudleni zokuxhumana abantu bebethi le mali izodliwa bume.