Izindaba

UCele uthi bazoboshwa abasebenzi bakahulumeni abazobanjwa benza inkohlakalo

Themba Ntshingila|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele usememezele ukuthi baboshwe abasebenzi bakahulumeni abatholakala benza ibhizinisi nohulumeni.

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele usememezele ukuthi baboshwe abasebenzi bakahulumeni abatholakala benza ibhizinisi nohulumeni.

Usho lokhu kade echaza ngemibiko esisabalele emithonjeni yezindaba esola ongumkhulumeli kaMengameli Cyril Ramaphosa, uNkk Khusela Diko ngokunikezwa ithenda nomyeni kaR125million emayelana nezinsiza zeCovid-19.

Le mibiko iphinde isole uDkt Bandile Masuku onguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng nomkakhe ngokuhlomula ngokungemthetho ngethenda ethinta izinsiza zokuzivikela kwi-Covid-19.

“Kunophenyo olwenziwayo, uma kukhona abathintekayo ngokungenzi kahle, bazoboshwa. OKlebe kumele bame ngomumo ukwenzela ukuthi noma ngabe iyiphi imininingwane abayitholayo emayelana nenkohlakalo, bayiphenye,” kusho uCele.

UCele ukhuluma kanjena, imibiko ngezikhulu zikahulumeni ezizinothisa ngemali yabakhokhibentela, isisabalele eezifundazweni eziningi kuleli.

KwaZulu-Natal kusanda kumiswa izikhulu zoMyango wezeMfundo ezithinteka ekukhwabaniseni ngethenda likaR129million lokwenza amaqekelo ayezothunyelwa kubafundi besifazane ezikoleni.

UNdunankulu wakulesi sifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, naye usanda kumemezela ukuthi kuzovulelwa amacala izikhulu zikahulumeni ezithinteka kumkhonyovu wethenda lokuthenga izingubo zokulala nezifonyo okwakuzosetshenziselwa ukusiza umphakathi ohlwempu kulesi sikhathi seCovid-19.

UCele uphide wabugxeka utshwala encoma ukumiswa kwako ekutheni budayiswe.

“Nginabangani asebashona ngokusebenzisa utshwala budedengu. Abantu abaningi bafa ezintatha emva kokuthi sebephuze utshwala. Nobelelesi buyancipha uma utshwala bungekho,” kusho uCele.

,