Izindaba

Kufe abane kushayisana izimoto ezimbili

Nonthuthuko Ngubane|Published

KUTHOLAKALE insangu kwenye imoto ebe sengozini ku-N2 ngasoThukela izolo. Isithombe: SAPS

KUSHONE abane kushayisana izimoto ezimbili ku-N2 eNewark eduze kwebhuloho uThukela izolo.

Ababili abashonile bashe nemoto eshayisane nenye yagqamuka amalangabi.

Enye imoto kule ngozi ibigcwele insangu, nogwayi.

Imoto ebinogwayi kuthiwa iyona eshe ubuhanguhangu, noma sebezama ukucima abezicishamlilo, kube nhlanga zimuka nomoya.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso.

“Ekuseni namhlanje (izolo) ngabo-8.30 ku-N2 eNewark, ebhulohweni uThukela kushayisane izimoto ezimbili. Kushone abantu abane endaweni yesigameko. Enye imoto ebikule ngozi ibithwele insangu nogwayi. Kuleyo moto kube sekugqamuka umlilo kwasha ababili abebephakathi. Insangu nogwayi bekungadayiswa u-R500 000. Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini iNewark, kusaphenywa ngembangela yengozi,” kusho uCaptain Gwala.

Isolezwe lithole ukuthi kudingeke ukuba kuvalwe uhlangothi lomgwaqo okwenze kwaba nesiminyaminya ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo nabezicisha mlilo kuthiwa basebenze kanzima bezama ukucisha umlilo.

Omunye umzila womgwaqo uvalwe kwaze kwaba ntambama besakhuculula.

Khonamanjalo ngasePort Shepstone kuN2 owesilisa oneminyaka engu-51 ushayiswe iloli eseceleni komgwaqo esika utshani. Umufi kuthiwa ubesebenza eceleni komgwaqo ngesikhathi iloli liphaphalaza lamshayisa enganakile.

Ingozi yenzeke izolo ngabo-10 ekuseni.

UCaptain Gwala uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso.

“Amaphoyisa ase-Southport aphenya ngengozi okushone kuyo owesilisa oshayiswe yiloli. Ushonele endaweni yesigameko,” kusho uCaptain Gwala.

Amaphoyisa anxuse abashayeli ukuba baqikelele uma beshayela, bagade abasebenza emgwaqweni.