UMENGAMELI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uphakamise ukuthi ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo luhlehliswe emuva kokobheduka kweCorona.
Ethula inkuluma emgubheni we-EFF weminyaka eyisikhombisa yasungulwa izolo, uMalema uthe ukhetho lwangonyaka ozayo ngeke kube ngolukhululekile, waphakamisa ukuthi luhlehliselwe u-2024.
“Amaqembu amancane ngeke akwazi ukukhankasa ngokukhululeka ngenxa yezimo ezikhona, yingakho sithi ukhetho aluhlehle,” kusho uMalema.
Nakuba uMalema ephakamisa ukuthi luhlehle kodwa i-IEC isanda kuthi iyaqhubeka namalungiselelo okuphatha ukhetho.
UMalema ubuye waphakamisa ukuthi izwe libuyele esigabeni sesihlanu sikathaqa ukuze kuliwe neCorona.
“Uma izwe lingabuyeli esigabeni sesihlanu, uMengameli Cyril Ramaphosa kuzomele abekwe icala lokubulala abantu kanti asikhohliwe futhi yindaba yaseMarikana,” kusho uMalema.
UMalema usole uRamaphosa ngokuthatha izinqumo ezibeka impilo yabantu engcupheni ngoba efuna ukujabulisa labo asephakatheni labo okungongxiwankulu abamhlophe.
Uthe uRamaphosa udayise izwe ngengilazi yewayini kanti lowo uMnuz Jacob Zuma wadayisa izwe ngepuleti lesitshulu.
Uthe uhulumeni ushaye isikhala ngokuthi athi akuvulwe izikole ngesikhathi sisephezulu isibalo sabantu ababulawa nabangenwe iCorona.
“Imbangela yokujaha ukuthi kuvulwe izikole bekuwukuthi kudliwe imali yamathenda yokuhlanza izikole njengoba kubhubhudlwa imali yokuhlinzeka ngezifonyo.”
Uthe inkohlakalo ikhule kakhulu ngaphansi kobuholi bukaRamaphosa ikakhulukazi emuva kokubheduka kweCorona.
UMalema unxuse ukuthi kube nobumbano eqenjini lakhe ukuze liqhubeke nokukhula libe yisikhondlakhondla kwezombusazwe.
Uthe kwi-EFF akekho umholi ongcono kunomunye.
UMalema uthe ngesikhathi iqembu lakhe lisungulwa eminyakeni embalwa edlule baningi abebecabanga ukuthi ngeke lilibone ilanga njengamanye amaqembu.
“Saqeda unyaka bathuka, bathi ngeke siye engqungqutheleni, sabukhetha ubuholi, nasengqungqutheleni yakamuva yaseNasrec baningi ababethi ngeke sibuye khona kodwa namanje sisahlangane yize ziningi izihibe esidlule kuzo kodwa sinqobile,” kusho uMalema.
Uthe amalungu abo manje kumele aqale asebenzele ukuthi iqembu selizoba neminyaka ewu-10.
“Iphelile manje indaba yokuthi i-EFF yiqembu elincane. Manje sesiyiqembu elikhulu, elifike kwezwakalala kwezombusazwe.”
Kule minyaka eyisikhombisa bekhona yinkulu impumelelo asebeyizuzile ehlanganisa nokuba wongqoshishilizi ekulweleni amalungelo abantu nokulwela indaba yokubuyiswa komhlaba kubantu. Yizitshudeni ze-EFF ezazihola umkhankaso wokulwela imfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.