Izindaba

UMalema ushaya amakhala ngezibalo zeCovid-19 kuleli - ufuna kwenziwe uphenyo

Themba Ntshingila|Published

UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uphakamise ukuthi kwenziwe uphenyo ngezibalo zeCovid-19 kuleli Isithombe: PHANDO JIKELO/African News Agency(ANA) UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uphakamise ukuthi kwenziwe uphenyo ngezibalo zeCovid-19 kuleli Isithombe: PHANDO JIKELO/African News Agency(ANA)

UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, usephakamise ukuthi kwenziwe uphenyo ngezibalo zeCovid-19 kuleli, ngoba lezi ezinikezwa abantu njengamanje azilona iqiniso, kuphela kusetshenziswa bededengu izimali zabakhokhi bentela ngamathenda kube kuthiwa kuthengwa izinsiza zokulwa nokusabalala kweCovid-19.

UMalema usho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngeSonto i-EFF igubha iminyaka eyisikhombisa yasungulwa.

Uthe ukwenyuka kwezibalo zeCovid-19 kuleli, kudalwa ngumengameli odonsela isigingci sabelungu.

Usole abathi abawuboni umsebenzi osewenziwe yi-EFF selokhu yasungulwa njengabaqambi manga.

Phakathi kwezinto athe iqembu lakhe lazenza ukuze kuhlomule abantu abasemazingeni aphansi kuleli:

Ukuphakamisa ukuthi kuthathwe umhlaba unikezwe abanikazi bawo ngaphandle kwesinxephezelo.

Ukuvikela ihhovisi laMvikeli woMphakathi elihlale lihlaselwa “ngokungenabulungiswa”.

Ukusiza izitshudeni ziyobhalisa emanyuvesi esikhathini lapho kwakuthiwa azibhalise kuphela ngokusebenzisa i-internet, ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nokunye okuningi.

UMalema usole owayengumengameli wakuleli uMnuz Jocob Zuma ngokudayisa izwe ngepleti lokudla.

Umengameli Cyril Ramaphosa yena umsole ngokudayisa izwe ngengilazi yewayini.

“Kwaphuma izithukuthuku sisungula leli qembu. Leli yiqembu lonogada, nelabasebenzi abasemazingeni aphansi,” kusho uMalema.

Uthe namhlanje leli qembu selidumaze abaningi ababecabanga ukuthi ngeke lihlanganise le minyaka eseliyiqedile likhona.

“Asikaze sibenzele phansi abantu abaningi bakuleli. Nangokuzayo sisazosebenzela izingane zakuleli lizwekazi ezidonsa kanzima,” kusho yena.

Usole ukufika kwabamhlophe kuleli ngo-1652, ukuthi yikhona okwahlakaza impilo yabantu abamnyama, ngokubathatha njengabantu abangaphelele.

“Bafike bakha umqondo wokuthi ngabelungu kuphela abakwazi ukuphatha izwe,” usho njalo.

Usole iqembu elibusayo ngokusetshenziswa ongxiwankulu, wathi selaze lakha amaqembu ngaphakathi kulona ukuze azitike ngemali yabakhokhi bentela.

NgokukaMalema, ukuphatha kukahulumeni wentando yabantu, kuholele ekubeni nokungalingani ngokwezinga lokuphila kwezinhlanga kuleli.

Usole uhulumeni ngokuhluleka ukulawula izibhedlela ngendlela efanele njengoba ezempilo zibonakala zifadabala.

Okucacayo ngokusho kwakhe, ukuthi ingqalasizinda isaqhueka nokusiza abamhlophe kodwa abamnyama basadonsa kanzima.

“Ngokuzayo sifisa kube nemali efanayo e-Afrika yonke, kungabuswa izwe ngokulandela umqondo waseNtshonalanga,” kubalisa yena.

Usole i-African Union ngokuba yisichuse esingenamsebenzi walutho.