UNKSZ Noluthando Mlambo onyamalale ngoLwesibiliIsithombe:SITHUNYELWE UNKSZ Noluthando Mlambo onyamalale ngoLwesibiliIsithombe:SITHUNYELWE
ABASONDELENE nowesifazane waseNewlands East, eThekwini, onyamalale ngoLwesibili banovalo lokuthi kukhona okumehlele.
UNksz Noluthando Pearl Mlambo (23), kuthiwa wanyamalala ngezithuba zabo-8 ekuseni eya kwadokotela.
Umndeni wakhe nabasondelene naye bathi kuyethusa ukunyamalala kwakhe ngoba akayena umuntu obudedengu.
UNksz Nomfundo Mahlaba, othandana naye, uthe ushaywa wuvalo uma ecabanga ngalokhu ngenxa yesimo sokuhlukunyezwa kwabesifazane ezweni.
“Wahamba eya kudokotela ekhala ngokuthi unobuhlungu esifubeni. Ubevele engaphilile kodwa engaxinekile kakhulu. Udokotela abeye kuye useduze. Kuthe esanda kuphuma nje ekhaya wangabe esatholakala ocingweni.”
Uthe ngokujwayelekile uNksz Mlambo uye ashayele itekisi uma ezohamba kodwa ngosuku anyamalale ngalo, akuveli ukuthi wagibela yona.
“Ubesanda kuphuma esangweni ngesikhathi ngiyombheka kwadokotela. Ngithole ukuthi akazange afike nhlobo. Kuze kube yimanje ucingo lwakhe alungeni nhlobo, aluthathi ngisho imiyalezo. UNoluthando ungumuntu oqotho, ubengeke nje anyamalele engatshelanga muntu,” kusho uNksz Mahlaba.
Kuthiwa uNksz Mlambo usebenza ebhange eMhlanga kodwa nakhona kuthiwa akaze afike.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokunyamalala kowesifazane, ongakatholakali. Uthe abanemininingwane ngokunyamalala kwakhe bangashayela esiteshini samaphoyisa ku-031 574 7130 noma inombolo yeCrime Stop ethi: 08600 10111.