Izindaba

Sebebalelwa ku408 000 abahaqekile nabangu6 093 abashonile kuleli

Sihle Mlambo|Published

UDKT Diana Pacheco ehlola omunye wabasolwa ngokuba neCovid-19 Isithombe:AP Photo/Rebecca Blackwell UDKT Diana Pacheco ehlola omunye wabasolwa ngokuba neCovid-19 Isithombe:AP Photo/Rebecca Blackwell

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize, umemezele izolo ukuthi kuphinde kwashona abantu abangaphezu kuka153 ngenxa yeCovid-19 futhi kwaphinde kwahaqeka abangu13 104, okusho ukuthi kuleli sekuhaqeke abantu abangaphezu kuka408 000.

NgoLwesithathu ebusuku, uMkhize umemezele abanye abangu572 abashonile, obekungokokuqala ngqa ukuba kushone isibalo esikhulu kangaka emahoreni awu24. 

ENingizimu Afrika iCoronavirus seyibhuqabhuqe abantu abangu6 093, kanti iningi labo liseWestern Cape khona osekudlule emhlabeni abangu2 780, i-Eastern Cape ilele isibili ngezidumbu eseziphumile ezingu1 393, isithathu kube yiGauteng ngabantu abangu1 187 bese isihlanu kube iKwaZulu-Natal ngabantu abangu515.

INingizimu Afrika, esinabantu abahaqekile abangu408 052, ilele isihlanu emhlabeni wonke jikelele emazweni asenenqwaba yabantu asebehaqekile.

 I-US, Brazil, India neRussia kuphela abaqengqeleza phambili ngezibalo eziningi zabantu asebehaqekile. INingizimu Afrika ibuye yaba nongqongqoshe ababili bakazwelonke abaphuthunyiswe ezibhedlela ngenxa yokuhaqeka. 

Labo ngqongqoshe ngowoMnyango wezokuMbiwa phansi, uMnuz Gwede Mantashe nowezemiSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi. Bonke bamukelwe ezibhedlela ngenxa yezincomo zodokotela bemindeni yabo. 

KoNdunankulu, kukhona owaseWestern Cape, uMnuz Alan Winde, owaseNorth West, uMnuz Jobs Makgoro nowaseGauteng, uMnuz David Makhura bonke abangenwe yigciwane leCovid-19 futhi abalulamela emakhaya.

ICovid-19 ivale ngehlahla ezweni lonke ezinyangeni ezine, isuka kubantu abangu240 ngoMashu 21 kuya kubantu abangaphezu kuka381 000 nabashonayo abangaphezu kuka5 300 ngoJulayi 21- ezinyangeni ezine.

Abantu abashone ngesikhathi esifanayo basuke ku0 ngoMashi 21 bakhuphukela ku58 ngo-Ephreli 21, badlulela 369 ngoMeyi 21, bafinyelela ku1 930 ngoJuni 21 kwathi ngoJulayi 21 bafinyelela ku5 368.

UMkhize uqinisekise ukuthi kusukela ngoMashi abantu asebehaqekile babalelwa ku408 000 kwathi abangu236 620 balashwa basinda kuleli gciwane.

INingizimu Afrika njengamanje isosukwini lika120 lokuvalwa kwezwe. Izwe lisesigabeni sesithathu lokuvalwa kwezwe osekuxegisiwe nokwenze izigidi zabasebenzi zabuyela emisebenzini. 

Izolo ebusuku, uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, u.emezele ukuthi izikole ezingaphansi kukahulumeni zizovala cisho amasonto amane njengoba kusabhidlange iCovid-19 kodwa abafundi bakaGrade12 nothisha babo bazovala isonto elilodwa bese abakaGrade 7 bavale amasonto amabili. 

Bangaphezu kuka2.5 million abantu asebehloliwe kanti bangu46 000 abahlolwe emahoreni angu24. UMkhize ube esedlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo futhi wabe esebonga izisebenzi zezempilo ebezilapha abasishiyile. 

ReplyForward