UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi izikole zakuleli zizovalwa amasonto amane, kodwa umatric noGrade 7, bazovala amasonto ahlukile Isithombe:Kopano Tlape GCIS UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi izikole zakuleli zizovalwa amasonto amane, kodwa umatric noGrade 7, bazovala amasonto ahlukile Isithombe:Kopano Tlape GCIS
UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa usememezele ukuthi zonke izikole zakuleli zizovalwa amasonto amane, zize zivulwe ekupheleni kuka-Agasti. Kodwa abafundi bakamatric bona bazovala isonto elilodwa, kuthi uGrade 7 wona uvale amasonto amabili kuphela.
URamaphosa usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nesizwe kulandela izikhalazo zezinyunyana zothisha ebezikhala ngokutheleleka kothisha nabafundi ezikoleni selokhu kwavula amaezinhlaka nye amabanga ezikoleni okuwuGrade 7 noGrade 12.
"UNgqongqoshe wezeMfundo uNkk Angie Motshekga ubambe imihlangano nezinhlaka zezemfundo eziwu-60 kulesi sikhathi esifushane. Kukho konke obekukhulunywa, bekumele sibeke phambili ukuphepha njengoba nenhlangano iWorld Health Organisation ike yaseluleka ukuthi kungcono ukuthi izikole zivalwe uma igciwane lisadla amagalane, kubuyelwe uma selithe ukudamba,"kusho uRamaphosa.
Ubuye wamemezela ukuthi uhlelo lokuphakelwa kwabafundi olukhona ezikoleni zikahulumeni, ngeke luvalwe yize izikole zizobe zisahoshe imfe. Uthe abafundi bazokwazi ukuqhubeka bayolanda ukudla ezikoleni.
Ngaphandle kodaba lwezikole, uRamaphosa ubuye wakhuluma kabanzi ngezinhlelo uhulumeni aseziqalile zokuzama ukulwa nenkohlakalo edla lubi ezimalini ezikhishelwe ukusiza ezinhlelweni zeCovid-19.
Uncome izifundazwe noMasipala asebeqalile ukuqhumisa isitswebhu kulezo zigangi osekuvelile ukuthi zibhubhudle imali yosizi lwaleli gciwane ekuzinothiseni.
Uthe kunethimba eliyisipesheli eselakhiwe okuyilo elizophenya kabanzi ngenkohlakalo ebikwayo mayelana nokuthengwa kwezinsiza zokulwa neCovid-19.
"Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi yonke imali eseyebiwe ibuye......ngeke sikubekezelele ukwebiwa kwemali okumele ingene ezinhlelweni zokulwa naleli gciwane,
Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga aphinde achaze kabanzi ukuthi luzoqhutshwa kanjani uhlelo lokuphakelwa kwezingane ngalesi sikhathi izikole zisavaliwe.