UMNDENI waKwaZulu-Natal uhlalele ovalweni njengoba uthi amaphoyisa awakababophi abasolwa ngokubulala amalungu alo mndeni amabili Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA) UMNDENI waKwaZulu-Natal uhlalele ovalweni njengoba uthi amaphoyisa awakababophi abasolwa ngokubulala amalungu alo mndeni amabili Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)
UTHUKA izanya umndeni wakwaKhumalo KwaQoloqolo, eHibberdene, njengoba besagcwele amathafa abawuhlasela.
NgoJuni 13, kwahlaselwa lo mndeni kwabulawa amalungu awo amabili oMnuz Khehla Khumalo noMazwi Khumalo.
Babelungisa amawindi akubo ngesikhathi kugasela abasolwa abafika bavulela ngenhlamvu. Kwasinda oyedwa kuleso sigameko, waphuthunyiswa esibhedlela enamanxeba okudutshulwa.
Kusukela ngelanga lesigameko umndeni wathutha, waze wangcwabela ezihlotsheni ngoba wesaba ukubuyela ekhaya.
Izolo Isolezwe likhulume nelungu lomndeni elingeke livezwe njengoba lisaba ukuthi lingabulawa, elithe kunzima kakhulu ukuqhubeka nempilo.
“Sihlala ngokwesaba, manje asisakwazi ukuya ekhaya. Emsebenzini ngize ngayeka ngoba ngisaba ukuthi ngingahlaselwa uma ngiya khona. Esikuzwayo ukuthi siyazingelwa bafuna ukusiqeda sonke. Bafuna nokugqiba ubufakazi,” kusho umthombo.
Uthe abasolwa kuyashiwo ukuthi bayabonakala emphakathini kodwa ababoshwa.
Ngokuthola kweSolezwe lo mndeni waxabana nowesifazane owawumhlalise endlini becele ukuba abagadele.
“Ngendlela okubuhlungu ngayo angikwazi nokukhuluma ngale nto, ngoba sihlukumezekile kakhulu futhi ngiyesaba. Indaba yasuka siya ekhaya ngoDisemba, umfowethu ezoshadelwa. Safika owesifazane owayehlala ekhaya evule ikamelo esathi akangalivuli. Sasifuna ukuzovula sishise impepho. Wacelwa ukuba ahambe ngoba kubonakala ukuthi asisazwani. Yena wavele wazisikela indawo khona egcekeni lethu. Kwasuka omunye umsindo.
Ekhaya bekuwumuzi ongahlali abantu, sasifika sizovula nje ngaleso sikhathi. Besihlalisa izingane zesikole. Sabe sesithola owesifazane wahlala nomndeni wakhe ngoba sithi usigadele,” kusho umthombo.
Uthe wayenikezwe ingxenye yendlu yena wayithatha yonke wathi phela unomndeni yena
“Amakamelo amabili esamnika wona, amanye amakamelo amabili ubengawasebenzisi. NgoJuni 20 ubezohambisa izibizo umfowethu. NgoMashi 25 samkhipha endlini owesifazane, wabuye waphindela. NgoJuni 7 sabuya sesihamba namaphoyisa. Wasonga wathi kuzophuma izidumbu. NgoJuni 13 saya ekhaya siyofaka amawindi, bafika ngabo-5 ntambama abahlaseli. Kwashona ababili bomndeni wethu,” kusho umthombo.
Uthe: Kumanje akekho ohlala kuloya muzi. Sahamba sayocasha, saze sangcwabela kwenye indawo. Selokhu sahamba, siyesaba nokubuyela ekhaya. Impilo inzima.”
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, wakhipha isitatimende efuna ukuba kusizwe amaphoyisa ekuthungatheni indodana nonina ngaleli cala.
Kusaphenywa ngalesi sehlakalo bekungakaboshwa muntu.