Izindaba

Umnyango nezindaba ezimnandi kubasebenzi

Nonthuthuko Ngubane|Published

UMNYANGO wezabaSebenzi izolo umemezele ukuthi uzoqhubeka nokusiza abasebenzi abakhahlanyezwe wukuvalwa kwezwe ngenxa yeCoronavirus.

UMnyango oholwa nguNgqongqoshe uMnuz Thulas Nxesi, uthe lolu hlelo luzoqhubeka kuze kube ngu-Agasti 15 nonyaka.

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, lezi zinhlelo zomnyango zizosiza ukuthi abasebenzi nemindeni yabo kabahlaselwa yindlala ngalesi sikhathi esinzima, bakwazi ukuphefumula.

IPhili likaNgqongqoshe, uNksz Boitumelo Moloi, lithe: “Kulandela izingxoxo ngodaba oluthinta i-UIF, nesimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuqhuba isikhathi senhlekelele kuze kube u-Agasti 15, sibe sesithatha isinqumo sokuba siqhube nathi uxhaso kubasebenzi kuze kube u-Agasti 15.”

Uthe indlela yokufaka isicelo isafana nangaphambilini.

“Izicelo zango-Ephreli, Meyi noJuni sicabangela ukuzivala ekupheleni kukaJulayi. Zonke izicelo eziphasile ezithole imihlomulo yezinyanga ezimbili, sizoqhubeka nokuzikhokhela,” kusho isitatimende somnyango.

Kulesi sikhwama sezinhlekelele se-UIF sebekhokhe uR34 billion kubasebenzi abangu-7.4 million.

IPhini likaNgqongqoshe okuyilona elithule inkulumo izolo, lithe abantu abazokhokhelwa kulesi sikhwama kubalwa laba abalandelayo:

Umsebenzi ozotheleleka yigciwane esemsebenzini, umsebenzi ongakwazi ukusebenza ngoba esagonqile, osesibhedlela ngenxa yokutheleleka. Izindleko zokulashwa, umsebenzi ozoshona kuzokhokhelwa abomndeni nezindleko zomngcwabo, abancishiselwe amaholo nabanye.

Umnyango uyasebenzisana neCouncil for Conciliation, Mediation and Arbitration, ukuqinisekisa ukuthi abaqashi balandela imithetho evikela abasebenzi.

Umnyango uthe bazoqinisekisa nokuthi ukufakwa kwezicelo

nge-internet sekuba ngcono kunakuqala.

Okwamanje abomnyango bathe basathole izicelo zezindleko zokugula ezingu-46 000. Abasebenzi bezempilo bakhokhelwe uR921 million, kusukela ngo-Ephreli 1 kuya kuJulayi 13.

Lo mnyango uthe uyaqhubeka nezinye izinhlelo zawo ezijwayelekile zokulekelela abasebenzi okubalwa labo abadiliziwe, asebephila ngokukhu-bazeka.